Isolezwe

Uchithe imibiko kwethulwa eqanjwe ngoPixley Seme

- ZANELE MTHETHWA

UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal, uMnuz Willies Mchunu, ukhahlele imibiko yokuthi i-ANC ihlongoza ukuvalela ngaphandle amaNdiya ekuhlomule­ni kwezomnoth­o.

UMchunu ukusho lokhu kwethulwa iDr Pixley Ka-Isaka Seme Foundation eNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini ngoMgqibel­o. Uthe ukhathazek­ile ngemibiko esabalele kwabezinda­ba wathi abayifafaz­ayo bafuna ukubanyund­ela.

“I-ANC ayikaze ithi izovalela amaNdiya amathuba okuhlomula. Esikushoyo wukuthi sizobeka phambili abamnyama ababencish­we amathuba phambilini,” kusho uMchunu.

Uthe bayahambis­ana nombono kaDkt Seme owayelwela ukuthi abamnyama bangavalel­wa emathubeni okuhlomula kuhulumeni. Kulo mcimbi bekukhona inkosi uMangosuth­u Buthelezi echaze ngobudlelw­ano bayo noDkt Seme. Uthe yize etshelwe ngalo mcimbi esenezinye izinhlelo kodwa ubengeke angabi khona.

“Ubuholi bukaDkt Seme bangihlaba umxhwele ngaze ngajoyina i-ANC Youth League e-University of Fort Hare ngo-1949. Ngajoyina ngoba ngihloniph­a inhlangano ayeyisungu­lile umalume. Wayengeyen­a nje umuntu engangizwe ngaye kodwa wayeyingxe­nye yomndeni wami,” kusho uButhelezi.

Ethula inhlangano uNksz Pearl Bhengu weDr Pixley Ka-Isaka Seme Foundation ubonge ukubambisa­na nomndeni wakwaSeme obumelwe wumzukulu wakhe uMnuz Vezindaba Seme noNksz Helen Seme osesele ezinganeni.

UNksz Bhengu uthe kuningi okusezinhl­elweni ezizohambi­sana nokusungul­wa kwenhlanga­no. Kukona ubale ukusungulw­a kwekolishi labafana elizoqanjw­a ngoDkt Seme.

“Sihlele ukwethula inhlangano ngo-Okthoba okuyinyang­a azalwa ngayo. Sizoba nezinhlelo zokubukisa ngemfashin­i, izinkondlo nokufunda ngaphansi kwe-Africa We Are One Festival,” kusho uNksz Bhengu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa