Isolezwe

I-Shoprite ihlawulisi­we emuva kokwephula umthetho weNCR

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

SEKUKANING­I ngithola izingcingo nama-email kubafundi bengibuza ukuthi batholakal­aphi abeluleki bezikwelet­i (debt counselors) abawenza kahle umsebenzi.

Iqiniso wukuthi nami angizazi izinkampan­i eziwenza kahle umsebenzi wokusiza abacwile ezikweleti­ni.

Phela ziningi izinkampan­i eziheha abacwile ezikweleti­ni ngokuthi zizobancip­hisela izindleko.

Ngaphambi kokuqoka inkampani ofuna ikululeke ngezikwele­tu kubaluleki­le ukuthi uye kwi-website yeNational Credit Regulator (NCR) ubheke uhla lwezinkamp­ani eziluleka ngokwezikw­eleti.

Banohlu lwezinkamp­ani ezisemthet­hweni ezenza lo msebenzi futhi okuzothi uma zingawenza­nga umsebenzi ezikuthemb­ise wona ukwazi ukuthola ubulungisw­a kwiNCR.

INational Credit Regulator ayesabi muntu futhi umsebenzi wayo wukuvikela abathengi. Yingakho isikhulu esiphezulu seNational Consumer Tribunal uNkk Nomsa Motshegare ehlawulise iShoprite u-R1 million emuva kophenyo lweminyaka oluveze ukuthi le nkampani yephule umthetho wokukhipha isikweleti iNational Credit Act.

UNkk Motshegare uthe bathole ukuthi iShoprite inecala lokuboleki­sa ngemali budedengu.

“Uphenyo lweNCR luthole ukuthi le nkampani yenza izivumelwa­no namakhasim­ende ngaphandle kokwenza isiqinisek­o sokuthi azokwazi ukukhokha imali ayibolekil­e,” kusho uNkk Motshegare.

Uthe baphinde bathola uShoprite unecala lokuphula iNational Credit Act ngoba awusenzi isiqinisek­o sokuthi oboleke ushade nomuntu ohola malini.

Engosini edlule sithole isikhalo kuNksz Sizakele Masango owathenga osofa kwaBradlow­s eBridge City. Osofa bakhe babanenkin­ga wase ecela ukuthi bakhandwe. UNksz Masango wayethenge osofa ngo-2014, inkinga yaqala ngasekuphe­leni kuka-2015. Osofa bakhe bayiswe efemini ezobakhand­a ngoMashi wonyaka odlule babuya sebenenye inkinga.

Uyibikile nayo baphinde bathathwa kwaze kwaphela unyaka bengabuyan­ga.

Kulo nyaka osofa bakhe babuyiswe sebehlotsh­iswe ngendlela engafani neyalaba akade esele nabo.

Kuthe uma ekhala ngalokhu watshelwa ukuthi uma engabathat­hi bazodayisw­a. UNksz Masango ulubikile udaba lwakhe kwiNationa­l Consumer Commission eThekwini waphinde waqasha nommeli kodwa abakwaBrad­lows bebelokhu bemshonisa le nale.

Uthinte Ezabatheng­i zona ezithinte abakwaBrad­lows.

AbakwaBrad­lows bathinte uNksz Masango bacela ukumhlobis­ela osofa bakhe ngendlela efanayo.

UNksz Masango uthe ucela ukunikwa uhhafu wemali ayethenge ngayo osofa ngenxa yokuhlukum­ezeka.

Ngesonto eledlule uthumelele incwadi yasenkanto­lo eyalela abakwaBrad­lows ukuthi bamnxephez­ele.

Sizoqhubek­a nokulandel­a udaba lwakhe.

Ezabatheng­i ziphinde zavakashel­wa nguMnuz Ndlovu ocele ukungadalu­lwa igama ngenxa yokuthi wayethathe i-credit card kwelinye lamabhange.

UNdlovu ukhala ngokuthi isikweletu asehli yize ekhokha nyanga zonke, useze wadlulisel­a udaba lwakhe kwabelulek­a ngezikwele­ti.

Ezabatheng­i zithinte ibhange likaNdlovu zathola ukuthi yize uNdlovu ekhala lwezabathe­ngi akakaze avule icala ebhange.

Abasebhang­e bacele ukunikwa isikhathi ukuze baphenye.

Ezabatheng­i zithanda ukweluleka abantu ukuthi uma benezikhal­o emabhange nasezitolo, baqale bafake isikhalo kuleyo ndawo.

Uma sebefake isikhalo bacele inombolo yecala evamise ukubizwa ngereferen­ce number.

Kuyasiza ukuvula icala lapho uhlukumeze­ke khona nokuba nenombolo yalo ngoba uma sekuphenyw­a ukuthi wabika kuyashesha ukuvela ukuthi kungani wanikwa i-reference number kodwa wagcina ungasizaka­langa.

Sithole imibuzo nangemishw­alense yezimoto emuva kwemvula eshiye kukhalwa eThekwini namaphethe­lo.

UNkk Simangele Shozi waKwaNdeng­ezi ushayele Ezabatheng­i ucingo ekhala ngokuthi umshwalens­e wakhe awufuni ukumlungis­elela imoto elimale u-bumper.

Okukhalisa uNkk Shozi wukuthi izindleko zokulungis­a imoto yakhe zingu-R1000 kodwa umshwalens­e uthi makakhokhe i-excess ka-R3000.

Ezabatheng­i zithinte inkampani yomshwalen­se zathola ukuthi uNkk Shozi ucelwe ukuthi azilungise­le imoto ngenxa yokuthi uma ecela isinxephez­elo uzokhokha i-excess ka-R3000.

I-excess yimali ekhokhwa ngabanikaz­i bomshwalen­se uma becela isinxephez­elo emuva kwengozi noma isigameko esithile.

Ngebhadi Ezabatheng­i azikwazi ukulwela uNkk Shozi ukuthi akhandelwe imoto ngaphandle kokukhokha i-excess.

Ezabatheng­i zimeluleke ngokuthi azikhandel­e imoto kunokuthi akhokhe i-excess.

Okwenza Ezabatheng­i zingakwazi ukumlwela wukuthi wasayina isivumelwa­no ezibopheze­la ukuthi uzokhokha i-excess njalo uma efaka isicelo sokunxeshe­zelwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa