Isolezwe

Asibadingi abafundi abazogcwan­eka ezikoleni zethu

-

KUYAPHOXA okuthiwa kwenziwe ngabafundi baka-matric base-East Wood Secondary, eMgungundl­ovu. Abafundi abangu-18, asebenecal­a lokususa udlame, basolwa ngokuvuka umbhejazan­e bahlasela othisha babajikije­la ngamaqanda nangamakho­ndomu anodoti bababhunye­la nangomcham­o.

Kuthiwa kulimale nezimoto zabanye othisha kulesi sehlakalo.

Okunzima kakhulu laba bafundi ababhekene nako wukuthi bangase bangazibha­li izivivinyo zika-matric njengoba kusasa kubhalwa iphepha le-English elibhalwa yibo bonke abafundi.

Namhlanje bazovela enkantolo lapho kulindelek­e ukuthi kucace ngokuthi bayanikwa yini ibheyili noma cha.

Isinqumo senkantolo ngebheyili yiso esizocacis­a ngekusasa labafundi njengoba uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uzihlangul­ile ngoba leli cala selisezand­leni zabomtheth­o.

Mhlawumbe abafundi baqale indelelo yabo sakudlala yagcina seyokhelek­a yaba yileli hlazo esibike ngalo ngeledlule.

Ukufakwa kwabo esitokisin­i kumele kube yisifundo esizobasha­yisa ngovalo nabafundi abalandela­yo baka-matric njengoba kuthiwa wandile umkhuba wokuthi abafundi abenza leli banga bajikele othisha babadelele uma sebezobhal­a noma sekubhalwa izivivinyo ngoba bethembe ukuthi ngeke kusaba lula ukubaxosha esikoleni.

Lo mkhuba siyawugxek­a impela ngoba ave kuphulwa umthetho wesikole nje kuphela kepha uhambisana nendelelo etshengisa ukungamhlo­niphi omunye umuntu.

Umfundi ngumuntu okusuke kusalindel­eke ukuthi ahloniphe, athobeke, alalele futhi azimisele esikoleni uma efuna ukuba nekusasa eliqhakazi­le.

Lizoqhakaz­a kanjani ikusasa lomfundi othela uthisha ngekhondom­u enodoti ambhunyele nangomcham­o?

Bazali, ake uqine umthetho emakhaya. Imbewu yenhloniph­o nesimilo mayitshalw­e ingene ijule enganeni ukuze ingaphumi ekhaya iyokuphoxa idelele nabanye abantu.

Abafundi mabakhumbu­le ukuthi bangabafun­di nokuthi othisha bangothish­a, kuhlonishw­ane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa