Isolezwe

Akukho okuzoguqul­a isinqumo kwaShembe

-

MHLELI : Ngithanda ukukhumbuz­a abantu ukuthi namuhla liyabuyela icala lombango wobuholi bebandla lamaNazare­tha ophakathi kukaMnuz Vela “Imisebeyel­anga” Shembe noMnuz Mduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe.

Leli cala lagcina linqotshwe Imisebeyel­anga ukuthi yiyona eyakhethwa wuThingo ukuba kube yiyo ehola uhlangothi lwaseBuhle­ni. Ngidabukel­a abalokhu bekhohlisi­we ngokuthi kukhona okunye okwehlukil­e okungase kutholwe yiNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu njengoba balidlulis­a icala. Akukho lutho olusha oluzobekwa phambi kwamajaji azobe ecubungula isinqumo esakhishwa iJaji Jappie Achiemat eliyinhlok­o yamajaji KwaZulu-Natal. UThingo lwenza konke okusemthet­hweni webandla ekuqokeni umholi osuke ezongena esihlalwen­i emuva kwalo.

Unyazi sizolubona luzama ukusungula ibandla lalo elisha elizobe lingaselon­a elikaNkulu­nkulu elakhelwe ezimisweni zobuNazare­tha obabupheth­we nguBhombel­a, Ilanga, Inyangayez­ulu noThingolw­enkosazane. Lokho kuzobe kukhombisa ukuthi abantu balandele izimfundis­o ezedukisay­o.

Kulezi zinsuku ngisanda kubona imihlola eseyenziwa eBuhleni lapho kukhonzwa kuze kulalwe phansi ngeminazar­etha. Le ngubo ihlonishwa ngokwezimi­so zebandla kodwa namhlanje kuningi okunyantis­a igazi osekwenzek­a khona. Ususaba nokusho ukuthi uyiNazaret­ha njengoba abantu bemangala ukuthi kwenziwani manje kule nkolo nokuthi ibulawelan­i into enhle kangaka. Namhlanje sigcwalise­kile isiphrofet­ho sikababa uJG Ilanga owathi ngibone abantu abaningi besodakeni. Wathi ngisamange­le ukuthi laba bantu abasodaken­i kangaka sebeze bavela nangamakha­la babeshunya­yezwe kanjani. Uthi ngabona sekuqhamuk­a uBhombela ethi uyabenyula babalekela isandla sikaShembe esibenyula­yo baya koluningi. Nanamhlanj­e sibona lokho ukuthi amaNazaret­ha awalilalel­anga izwi loThingo. Kunalokho alalela izwi lenkosi yamaQadi. Siyoyicela ivuthiwe njengoba sesiye silubone Unyazi lwehla lwehla lwenyuka ngamabhano­yi. Akukho okungeyukw­ambulwa. US Mthembu

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa