Akukho okuzoguqula isinqumo kwaShembe
MHLELI : Ngithanda ukukhumbuza abantu ukuthi namuhla liyabuyela icala lombango wobuholi bebandla lamaNazaretha ophakathi kukaMnuz Vela “Imisebeyelanga” Shembe noMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.
Leli cala lagcina linqotshwe Imisebeyelanga ukuthi yiyona eyakhethwa wuThingo ukuba kube yiyo ehola uhlangothi lwaseBuhleni. Ngidabukela abalokhu bekhohlisiwe ngokuthi kukhona okunye okwehlukile okungase kutholwe yiNkantolo eNkulu eMgungundlovu njengoba balidlulisa icala. Akukho lutho olusha oluzobekwa phambi kwamajaji azobe ecubungula isinqumo esakhishwa iJaji Jappie Achiemat eliyinhloko yamajaji KwaZulu-Natal. UThingo lwenza konke okusemthethweni webandla ekuqokeni umholi osuke ezongena esihlalweni emuva kwalo.
Unyazi sizolubona luzama ukusungula ibandla lalo elisha elizobe lingaselona elikaNkulunkulu elakhelwe ezimisweni zobuNazaretha obabuphethwe nguBhombela, Ilanga, Inyangayezulu noThingolwenkosazane. Lokho kuzobe kukhombisa ukuthi abantu balandele izimfundiso ezedukisayo.
Kulezi zinsuku ngisanda kubona imihlola eseyenziwa eBuhleni lapho kukhonzwa kuze kulalwe phansi ngeminazaretha. Le ngubo ihlonishwa ngokwezimiso zebandla kodwa namhlanje kuningi okunyantisa igazi osekwenzeka khona. Ususaba nokusho ukuthi uyiNazaretha njengoba abantu bemangala ukuthi kwenziwani manje kule nkolo nokuthi ibulawelani into enhle kangaka. Namhlanje sigcwalisekile isiphrofetho sikababa uJG Ilanga owathi ngibone abantu abaningi besodakeni. Wathi ngisamangele ukuthi laba bantu abasodakeni kangaka sebeze bavela nangamakhala babeshunyayezwe kanjani. Uthi ngabona sekuqhamuka uBhombela ethi uyabenyula babalekela isandla sikaShembe esibenyulayo baya koluningi. Nanamhlanje sibona lokho ukuthi amaNazaretha awalilalelanga izwi loThingo. Kunalokho alalela izwi lenkosi yamaQadi. Siyoyicela ivuthiwe njengoba sesiye silubone Unyazi lwehla lwehla lwenyuka ngamabhanoyi. Akukho okungeyukwambulwa. US Mthembu