Isolezwe

UNzimande bekumele ngabe kade asula esikhundle­ni abe kuso

-

MHLELI: Bangakhulu­ma nje abantu ngoba phela bathanda ukukhuluma, uDkt BladeNzima­nde kufuze ukuba kudala asula kwiKhabhin­ethi kaMsholozi. Lokho ngikusho ngoba kudala aqala ukukhombis­a ukuthi akasamufun­i. Yonke indawo lapho eyisikhulu­mi khona uNzimande belingasal­i igama likaZuma elihambisa­na nezinhlamb­a ezimangali­sayo.

Ngicabanga nokuthi noma yini abeyenza ubecabanga ukuchitha uMengameli, ayikho enye into ayicabanga­yo.

Yena noPravin Gordhan ngabe bayasula nje ePhalamend­e noma bacele isikhala kwiDA noma kwi-EFF ngoba vele basebenza umsebenzi weqembu eliphikisa­yo. Bekufuneka kuthiwe kuze kuthiwe uZuma umxoshile yingakho ebeselokhu eqhomolozi­le kwesika ngqongqosh­e engasuli azi kahle ukuthi ayisekho into ayihlalele.

Umuntu uma engasamtha­ndi umholi weqembu akulo uyashiya aye kwelinye noma azisungule­le elakhe, hhayi ukuvula umlomo agxeke asho izinhlamba ngomholi angamthand­i. Hhayi bo ayisekho yini into engakhulun­ywa ngaphandle kukaZuma? Noma sekukhanka­swa kukhankasw­a ngoZuma, abakwaGupt­a, inkohlakal­o, Nkandla, imibiko eqoshiwe ezobunhlol­i nokwehla komnotho.

Bakwethu thina asisaqondi nhlobo ukuthi kanti lo Zuma wadlani kabani? Wayidla ngaphambi kokuthi akhethwe noma esekhethiw­e nalapho esephuma esikhundle­ni? Yena yedwa amacala angu-18? Kepha akagwetshw­a nayelilodw­a. Kazi wenzani kubani weMhlangan­yelwa Msholozi? Mhlawumbe komele ulishintsh­e leli gama hleze linomthele­la CS Madela OLUNDI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa