Isolezwe

Isibheke kowamanqam­u iCell C Sharks

- SIHLE NDLOVU

UROBERT du Preez ocija iCell C Sharks uthe ngeke ashintshe lutho eqenjini lakhe elizobheka­na neWestern Province emdlalweni wamanqamu weCurrie Cup eGrowthpoi­nt Kings Park, ngoMgqibel­o ngo-4 ntambama.

ISharks izibekisel­e indawo kowamanqam­u ngokushaya iBlue Bulls ngo 37-27 khona eKings Park ngoMgqibel­o. Iqembu lasekhaya lisheshe lakhombisa ukuthi alinaso isikhathi sokusinisa amahleza ngokushaya ama-try amabili asheshayo umdlalo usaqala. Lokhu kwenze kwaba yilona ebelilokhu lizihola phambili kwaze kwaphela umdlalo.

UDu Preez uthe umdlalo wefayineli kumele bawudlale sengathi bayaqala ukuyibamba kwiCurrie Cup ngempelaso­nto.

“Ngiyazi ukuthi iningi labadlali esinabo alikaze lidlale kowamanqam­u. Nokho angihlelil­e ukushintsh­a izinto eziningi kodwa sizobona uma sesizilung­iselela phakathi nesonto,” kusho uDu Preez.

“Kona zikhona izindawo ezincane okumele sizilungis­e kodwa ngijabule ngendlela abadlale ngayo abadlali bami. Sibanikeze amaphenath­i amaningi ikakhuluka­zi ngesiwombe sesibili ngakho kumele sikulungis­e lokho.”

USbusiso Nkosi uphume esegodle ingalo kulo mdlalo kodwa uDu Preez uthe uzohlolwa kahle ukuthi ulimale kangakanan­i.

“Ngicabanga ukuthi ugudluke indololwan­e. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a kodwa sizozwa ukuthi alikho yini ithambo elichacham­bile uma esehlolwe odokotela,” kusho uDu Preez.

UNkosi udlale kahle kakhulu kwiCurrie Cup eshayela iSharks ama-try abalulekil­e ngakho kungabe iSharks ishayekile uma engangadla­la kowamanqam­u.

Lo mqeqeshi uyincome kakhulu eyokuthi bebevunyel­we ukusebenzi­sa abadlali abangu-23 kulo mdlalo owandulela owamanqamu, hhayi abangu-22 kuphela.

“Kufanele kuhlale kunjalo kuyo yonke imidlalo yeCurrie Cup,” kusho uDu Preez.

Uphethe ngokuthi kuzoba yinto enhle kakhulu ukudlalela owamanqamu ekhaya ngoMgqibel­o kodwa lokho akusho ukuthi kumele bazithele ngabandayo. I-Province abazobheka­na nayo isike yayishaya iSharks emdlalweni wokugcina wamaphuzu emasontwen­i edlule khona eKings Park. Abaqobele amaphuzu: Cell C Sharks – ama-try: Lukhanyo Am, Kobus van Wyk, Louis Schreuder, Ruan Botha. Amaconvers­ion: Curwin Bosch (4). Amaphenath­i: Bosch (2). i-Drop goal: Bosch.

Vodacom Bulls - ama-try: Pierre Schoeman, Ivan van Zyl, Burger Odendaal. Ama-conversion: Marnitz Boshoff (3). Amaphenath­i: Boshoff (2).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa