Isolezwe

Zivuke ngeCity ezikaTebog­o Moloi

- MINENHLE MKHIZE Chippa United (0) 2 Cape Town City (1) 1

UZEHLISELE umthwalo uTebogo Moloi enqoba umdlalo wakhe wokuqala selokhu ethathe izintambo kwiChippa United.

EzikaMoloi zinqobe ngamagoli ka-Abel Mabaso noKatlego “Mahoota” Mashego kwathi eleCity labaselwa nguLyle Lakay eSisa Dukashe Stadium izolo ntambama. UMoloi unikwe izintambo zokucija iChilli Boys ngoSepthem­ba 14. Bese edlale imidlalo emine ilandelana engawini futhi engahlulwa.

Udlale ngokulinga­na neSuperSpo­rt United, Platinum Stars, Bloemfonte­in Celtic, Lamontvill­e Golden Arrows neMaritzbu­rg United.

IChippa isiqoqe amaphuzu angu-11 emidlalwen­i eyisishiya­galolunye. Njengamanj­e ihlukanisw­e amaphuzu amahlanu neBaroka FC eqhwakele. Ngakolunye uhlangothi iyaqonga ingcindezi kumqeqeshi weCity uBenni McCarthy.

Useshaywe imidlalo emithathu ilandelana. Uqunjwe phansi yiSuperSpo­rt ngo 4-2 sekukhahle­lwa amaphenath­i emdlalweni wamanqamu weMTN 8. Komunye umdlalo iCity ithelwe othulini yiCeltic ngo 1-0 njengoba isiguqiswa yiChippa.

ICity ibizicanas­ela ngesiwombe sokuqala. Indlela ebidlala ngayo ubungafung­a ukuthi idlalela ekhaya. Ithuba lokuqala elicacile liwele uCraig Martin kodwa unozinti weChippa uDaniel Akpeyi walichithe­la ngaphandle kwaba yikhona.

Ngaleso sikhathi unozinti weCity uSage Stephens ubefana nesibukeli emapalini ngoba abengekho amabhola ayingozi abethunyel­wa ngabadlali beChippa. Ngomzuzu ka-18 agcine evulekile amasango ngesikhath­i uLakay eqobela enethini ingcwenga yebhola ngemuva kwephasi ayigotshel­we nguLehloho­nolo “Major” Majoro. Ngemuva kwemizuzu engu30 iChippa ibuyele emdlalweni okufakazel­we amathuba amahle awele uMark Mayambela kodwa wadlala ngomsebenz­i. Ngesiwombe sesibili iChippa ibuye ngamandla futhi akuthusang­a ukuthola kwayo amagoli amabili. IChippa izobhekana neMamelodi Sundowns ngeSonto ngo-3.30 ntambama eSisa Dukashe Stadium emdlalweni weLast 16 yeTelkom Knockout. ICity izogadulis­ana neBaroka FC ngosuku olufanayo ngesikhath­i esifanayo ePeter Mokaba Stadium koweTKO.

 ??  ?? KATLEGO MASHEGO
KATLEGO MASHEGO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa