Isolezwe

UDa Gama uphumele obala ngoFreese

- MINENHLE MKHIZE

UPHUMELE obala ngesinqumo sokulanda u-Allan Freese umqeqeshi weHighland­s, u-Owen Da Gama, egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

UDa Gama uthathe izintambo kwiHighlan­ds Park emasontwen­i edlule. Usefike kuleli qembu wenza umehluko.

Uphinde wenza nenqwaba yezinguquk­o eqenjini. Ulethe uFreese osanda kuxoshwa yiRoyal Eagles. UFreese sekuphele isikhathi agcina ukuba yibamba lomqeqeshi. Ubambe izintambo kwiPlatinu­m Stars, Highlands Park nakwiEagle­s.

“Sinobudlel­wano obuhle kakhulu no-Allan. Ngisebenze naye iminyaka engu-10 kwiSilver Stars (Platinum Stars). Usengumqeq­eshi osekhulile. Uzokwenza umehluko eqenjini. Ngiyazi ukuthi akazile lapha ukuzocatha­mela umsebenzi wami. Sobabili sinezinhlo­so ezifanayo. Sifuna ukusiza iqembu ekutheni libuyele lapho lifaneleke khona,” uDa Gama.

Ngempelaso­nto iHighlands ibhudluze iSuper Eagles ngo 3-0 eMakhulong Stadium.

“Akukuningi engifike ngakushint­sha kodwa into engisebenz­e kuyona ukuzethemb­a kwabadlali. Izinga lokuzethem­ba beliphansi kodwa ngafika ngakushint­sha konke lokho. Njengamanj­e sidlala ngokuzethe­mba. Ibanga okusamele silihambe ngiqonda kahle ukuthi lide kodwa ngeke siyeke ukusebenza kanzima. Ngeke sizikhohli­se sithi sesingawin­a iligi. Iqembu esinalo lisadinga ukuqiniswa ukuze libe sezingeni lokuwina iligi,” kusho uDa Gama.

UDa Gama ufike leli qembu lidonsa kanzima.

“Ngiphumele obala mayelana nokuthi yiziphi izindawo engifuna ukuqinisa kuzona kodwa ngingakuqi­nisekisa ukuthi iqembu lethu sizoliqini­sa. Okwenza ngingafuni ukuphumela obala ngezindawo esifuna ukuziqinis­a wukuthi kunabadlal­i engisafuna ukubanika ithuba,” kusho uDa Gama.

NgoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama iHighlands izodudulan­a neBlack Leopards eThohoyand­ou Stadium.

Imiphumela yeNFD: Richards Bay 1-1 Uthongathi FC; Mbombela United 2-1 Royal Eagles; Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 1-0 Stellenbos­ch; Witbank Spurs1-0 Ubuntu Cape Town; Highlands Park 3-0 Super Eagles; Mthatha Bucks 2-1 Cape Town All Stars; Pretoria University FC 0-1 Black Leopards; Jomo Cosmos 2-1 Real Kings.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa