Usuthu lukhumbuze uPitso izinsizi
ISIBHAXU saMaZulu emdlalweni we-Absa Premiership obungoMgqibelo ebusuku eLucas Masterpiece Moripe Stadium, sikhumbuze umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ngazo zonke izinkinga nezinsizi abhekene nazo njengomqeqeshi.
Selokhu iSundowns ikhale ngaphandle kwiCAF Champions League izinto azimhambeli kahle uMosimane ongakaze ayibone iwini ekhaya kule sizini. Nakuba iSundowns isenemidlalo emincane kunamanye amaqembu kodwa kuyethusa ukuthi ompetha base-Afrika basanqobe imidlalo emithathu yeligi kweyisithupha kweminye emithathu bashaywa.
Ngemuva kokushaywa Usuthu ngamagoli kaSiyabonga “Bhele” Nomvete (39) noMabhuti Khenyeza (35) bobabili abaneminyaka ewu-74 uma uyihlanganisa, uMosimane uvele wabalisa ngazo zonke izinkinga abhekene nazo njengomqeqeshi weSundowns.
“Yizikhathi ezinzima impela lezi. Ngiphoxekile kodwa-ke ngazi ukuthi uma kunzima kanje kulapho kuvela khona izinsizwa ongangena nazo empini. Kusobala ukuthi kufanele sikwamukele okwenzekile kodwa kunzima futhi ukwenza lokhu ngoba namuhla ubengekho uKhama (Billiat). Ukuqulwe uMolangoane (Joseph) weKaizer Chiefs kubuka izwe lonke. Ubengadlali uKhama lapha kodwa uMalongoane ubedlala namuhla (esho kowabakhaya baseSoweto).
“Masonto onke uPercy (Tau) kuhlale kuthiwa u-offside kodwa uma usubheka akunjalo. Kulo mdlalo uCastro (Leonardo) uwisiwe. Akukhathalekile ukuthi ibhola beliyongena noma cha. Uwisiwe bekufanele sithole iphenathi.
“Igoli loSuthu alizange lingicacele yize ngingakwamukela ukuthi angibonanga kahle. Kunesikhathi lapho u-Oupa (Manyisa) ewiswe khona ebhokisini. Ngempela yini engingayenza? Abantu abajabule neze,” esho ekhomba abalandeli ngekhanda.
Ebuzwa ngendlela abadlali bakhe abayilandele ngayo imiyalelo yakhe ukhombise izimpawu zokuthi weneme ngabadlali bakhe kepha bebengeke benze lutho (abadlali) uma unondweba engekho esimeni esilindelekile.
“Konke kukhomba ukuthi besiwuphethe umdlalo futhi bekufanele siwunqobe. Amathuba siwakhe ngendlela efanayo kuzona zombili iziwombe. Asizange sihlulwe ngenxa yabadlali. Kunzima impela,” usho kanje wase exoxa enye indaba ende ngonondweba omncane ngomzimba osabiseka kalula.
Uphinde wakhuluma nangokuthi nonondweba asebevuthiwe bayawenza amaphutha. Ukhale ngokuthi kubuhlungu ukuthi basebenze kanzima bese konke lokhu kuqedwa umuntu oyedwa.