Isolezwe

UBhele nejoka lokuvula igebe ngerekhodi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UZETHWESE ijoka lokuqinise­kisa ukuthi uyalelula irekhodi lakhe lokuba umgadli obaqwaqwad­a bonke emakhanda ngokuqobel­a amagoli enethini emlandweni wePremier Soccer League (PSL), uSiyabonga “Bhele” Nomvethe waMaZulu.

UNomvete (39) usize Usuthu lumangaza iMamelodi Sundowns koweligi. Kulo mdlalo omunye umgadli woSuthu olunqobe ngo-21 uMabhuti Khenyeza uzisondeze kowakhe umlando ngokushaya igoli eliwawinis­ile. UNomvethe waKwaMashu uqale ebhentshin­i kulo mdlalo weSundowns, ebambene ngamagoli angu110 noDaniel “Mambush” Mudau owayedlala kwiSundown­s. Ukushaya kwakhe igoli obekungelo­kulinganis­a kumbeke phambili ngawu111 emlandweni wePSL.

UBhele usedlale iminyaka engu-20 esigabeni esikhulu njengoba eziveze kwabaningi ngeAfrican Wanderers ayedlala kuyona noSibusiso “Rhee” Zuma noPhumalni “BMX” Mkhize ukukha nje phezulu.

“Kuyangijab­ulisa ukuthi leli rekhodi ligcine liwele kithina. Angikaze ngicabange ukuthi into enje ingenzeka kimina. Ngijabulis­e kakhulu izolo (esho ngoMgqibel­o) ngitshelwa ukuthi sengipheth­e irekhodi lika-111 wamagoli,” kusho uNomvethe.

Uthe uzoqhubeka nokusebenz­a kanzima bese ehlalela ethembeni lokuthi umqeqeshi uCavin Johnson uzolokhu embiza nje uma emdinga.

“Ngiphoqele­kile manje ukuthi ngikhuphul­e indlela engisebenz­a ngayo. Lokhu angikusho ngenxa yerekhodi kuphela kodwa ngikusho ngoba liphelezel­we ukusiza iqembu okuyiyona into engiyiqash­elwe. Sesifikile manje isikhathi sokuthi Usuthu luphakame ngoba sekukhulun­ywe ngalo isikhathi eside.”

Ngemuva kokusuka kwiWandere­rs, uNomvethe ujoyine iKaizer Chiefs ayishayele amagoli angu-42 emidlalwen­i engu-79. Ushiyile waya kwiSerie A yase-Italy kwi-Udinese lapho ehlale khona iminyaka emine ngaphambi kokubuyela ekhaya azodlalela i-Orlando Pirates. Uhlale kancane kwiPirates wabuyela e-Europe lapho ephinde wabuya khona ngo-2009 wasayina kwiMoroka Swallows.

KwiSwallow­s ushaye amagoli angu-53 emidlalwen­i engu-149 okuholele ekutheni aqokwe kwiPSL njengomgad­li obashaye bonke ngesizini ka-2010/2011. Kuleyo sizini ushaye 20 wamagoli ngaphansi kukaGordon Igesund. Ubuyele eKZN njengoba esezophula leli rekhodi. UKhenyeza usesendawe­ni yesithathu kulolu hla lapho ebambene khona noManuel “Tico Tico” Bucuane ngamagoli ePSL angu-104. Abanye abadlali asebefikil­e ekhulwini uSiphiwe Tshabalala noCollins Mbesuma abano-101.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa