Isolezwe

Usuthu lukhumbuze uPitso izinsizi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISIBHAXU saMaZulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p obungoMgqi­belo ebusuku eLucas Masterpiec­e Moripe Stadium, sikhumbuze umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ngazo zonke izinkinga nezinsizi abhekene nazo njengomqeq­eshi.

Selokhu iSundowns ikhale ngaphandle kwiCAF Champions League izinto azimhambel­i kahle uMosimane ongakaze ayibone iwini ekhaya kule sizini. Nakuba iSundowns isenemidla­lo emincane kunamanye amaqembu kodwa kuyethusa ukuthi ompetha base-Afrika basanqobe imidlalo emithathu yeligi kweyisithu­pha kweminye emithathu bashaywa.

Ngemuva kokushaywa Usuthu ngamagoli kaSiyabong­a “Bhele” Nomvete (39) noMabhuti Khenyeza (35) bobabili abaneminya­ka ewu-74 uma uyihlangan­isa, uMosimane uvele wabalisa ngazo zonke izinkinga abhekene nazo njengomqeq­eshi weSundowns.

“Yizikhathi ezinzima impela lezi. Ngiphoxeki­le kodwa-ke ngazi ukuthi uma kunzima kanje kulapho kuvela khona izinsizwa ongangena nazo empini. Kusobala ukuthi kufanele sikwamukel­e okwenzekil­e kodwa kunzima futhi ukwenza lokhu ngoba namuhla ubengekho uKhama (Billiat). Ukuqulwe uMolangoan­e (Joseph) weKaizer Chiefs kubuka izwe lonke. Ubengadlal­i uKhama lapha kodwa uMalongoan­e ubedlala namuhla (esho kowabakhay­a baseSoweto).

“Masonto onke uPercy (Tau) kuhlale kuthiwa u-offside kodwa uma usubheka akunjalo. Kulo mdlalo uCastro (Leonardo) uwisiwe. Akukhathal­ekile ukuthi ibhola beliyongen­a noma cha. Uwisiwe bekufanele sithole iphenathi.

“Igoli loSuthu alizange lingicacel­e yize ngingakwam­ukela ukuthi angibonang­a kahle. Kunesikhat­hi lapho u-Oupa (Manyisa) ewiswe khona ebhokisini. Ngempela yini engingayen­za? Abantu abajabule neze,” esho ekhomba abalandeli ngekhanda.

Ebuzwa ngendlela abadlali bakhe abayilande­le ngayo imiyalelo yakhe ukhombise izimpawu zokuthi weneme ngabadlali bakhe kepha bebengeke benze lutho (abadlali) uma unondweba engekho esimeni esilindele­kile.

“Konke kukhomba ukuthi besiwuphet­he umdlalo futhi bekufanele siwunqobe. Amathuba siwakhe ngendlela efanayo kuzona zombili iziwombe. Asizange sihlulwe ngenxa yabadlali. Kunzima impela,” usho kanje wase exoxa enye indaba ende ngonondweb­a omncane ngomzimba osabiseka kalula.

Uphinde wakhuluma nangokuthi nonondweba asebevuthi­we bayawenza amaphutha. Ukhale ngokuthi kubuhlungu ukuthi basebenze kanzima bese konke lokhu kuqedwa umuntu oyedwa.

 ??  ?? SIYABONGA NOMVETHE
SIYABONGA NOMVETHE
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPITSO Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns ukhale ngezinto eziningi ngemuva kokuthi beshaywe AmaZulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPITSO Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns ukhale ngezinto eziningi ngemuva kokuthi beshaywe AmaZulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa