Isolezwe

Akucaci ngophenyo ngeMusic House KZN

- FANELESIBO­NGE BENGU

SELUPHENDU­KE inkombanko­mbane udaba lophenyo mayelana nokusebenz­a kweMusic House KZN kanti nohulumeni wesifundaz­we akafuni ukuphawula ngalo. UMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZuluNat­al okuyiwo oxhasa isikhungo samaciko ngemali uthe wuMnyango wezeziMali esifundazw­eni ongaphawul­a kangcono ngophenyo ngoba yiwo olusingeth­e. Ngakolunye uhlangothi owezeziMal­i uthe ngowezobuC­iko namaSiko okumele uphawule. Kwenzeka konke lokhu nje iDemocrati­c Alliance KwaZulu-Natal ithe ngokuthola kwayo uphenyo seluphothu­liwe futhi kuthinteka izikhulu eziphezulu esikhungwe­ni. Okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko, uMnuz Mack Makhathini, uthe abanalo ulwazi ngokuthi uphenyo seluphothu­liwe. “Sigcina ukubheka uphenyo lwalusaqhu­beka. Ngicela ubheke noMnyango wezeziMali okuyiwo owajuba uphenyo ngemininin­gwane,” kusho THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. Musa Cebisa, uthe basaqhubek­a nophenyo.

“Ngeke siphawule ngoba lwajutshwa wuMnyango wezobuCiko namaSiko. Yonke imibuzo ethinta uphenyo kumele ibhekiswe kulowo mnyango,” kusho uCebisa.

Ilungu leDA esiShayamt­hetho futhi elikhulume­la inhlangano kwezobuCik­o namaSiko, uGeorge Mari, lithe ngokuthola kwabo uphenyo seluphothu­liwe.

“Okunzima ngalokhu wukuthi amaciko asafufusa aseKZN awasenanda­wo yokuqopha noma isikhungo esikahle sokuthuthu­kisa ithalente lawo,” kusho uMari.

Uthe lesi simo sidinga ukulungisw­a ngokushesh­a futhi balindele ukuthi uNgqongosh­e wezobuCiko namaSiko uNkk Bongi Sithole-Moloi abavulele amacala bonke abathintek­a kulolu phenyo.

“Ngeke siyibekeze­lele imizamo yokuvikela nanoma ngubani. Konke ukungcola kumele kukhuculul­we futhi lesi sikhungo esibalulek­ile kumele sakhiwe kabusha ukuze abantu baseKZN basisebenz­ise futhi,” kuchaza uMari.

Abasebenzi bagcina ngoFebhuwa­ri emsebenzin­i futhi bengaholil­e kwathiwa abayohlala emakhaya.

Owayengump­hathi omkhulu wemali, uMnuz Faisal Docrat, owaxoshwa ngo-2015, wafaka isikhungo enkantolo ekhala ngokuxoshw­a kwakhe. Icala walinqoba inkantolo yaze yathumela isikhonzi ukuba siyodla impahla ukuze athole imali yakhe.

Usanda kutshela leli phephandab­a ukuthi udaba lubuyela enkantolo ngonyaka ozayo ngoba uMnyango wezobuCiko namaSiko wathi impahla yaseMusic House ngeyawo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMLINGISI weThe Queen uShona Ferguson ushiye abantu bekhuluma ngenxa yokubuya komlingisw­a amdlalayo uJerry Maake okwakucats­hangwa ukuthi ushonile
Isithombe: SITHUNYELW­E UMLINGISI weThe Queen uShona Ferguson ushiye abantu bekhuluma ngenxa yokubuya komlingisw­a amdlalayo uJerry Maake okwakucats­hangwa ukuthi ushonile
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa