Isolezwe

Ababukeli abayizwa eyokubuya ekufeni kukaJerry

- MCEBO MPUNGOSE noFANELESI­BONGE BENGU

UKUNYAMALA­LA kukaJerry Maake (Shona Ferguson) emdlalweni wakuMzansi Magic, iThe Queen, bekuyiqhin­ga lakhe lokuthi kuboshwe uHarriet (Connie Ferguson).

Lokhu kuvezwe ngu-Emmah Ngomane wakuMzansi Magic ngemuva kokuthi uJerry ekhuze ibuya emdlalweni.

Wanyamalal­a kucatshang­wa ukuthi ufile ngemuva kokushaywa nguHarriet ngevasi wabe eseshisa umuzi esizwa wuKgosi (Sello Maake kaNcube).

U-Emmah uthe eziqeshini ezilandela­yo uJerry uzokwamuke­la ngendlela uBakang (Thato Molamu) emndenini.

Kuzophinde kufike nesivakash­i esisha kwaMabuza uJerry angasifuni kodwa esiwumngan­i kaBoi (Mara Louw).

UJerry uzophinde abe nokungabon­i ngaso linye noCaptain Radebe.

Ababukeli bomdlalo bakhombise ukungayizw­a kahle incazelo avezwe uJerry kulo mdlalo ngokubuya kwakhe ekufeni.

NgoLwesibi­li ebusuku ubusemathe­ni lo mdlalo ngemuva kokuqinise­kiswa kokuthi ubuye ‘ekufeni’ uJerry, oyiphoyisa.

Abantu abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a bebengakho­lwa ukuthi lo mlingisi naye ushaye ezikaStefa­no DiMera, owavuka ekufeni kuchungech­unge lo mdlalo iDays Of Our Lives.

UJerry uveze ukuthi wasindiswa wumlisa ohlala emgwaqweni, owahluleka ukuzisindi­sa yena ngesikhath­i kusha umuzi wakhe.

Abantu bebezibuza ukuthi kanti amaphoyisa awayihlola­nga yini i-DNA ngesikhath­i kutholwa isidumbu sakhe.

Ngakolunye uhlangothi ababukeli bathe ayikhishwe ejele indlovukaz­i yabo, uHarriet. uMakhathin­i.

Uqhube wathi abalwenzan­ga bona uphenyo ngoba abakwazi ukuzipheny­a bona.

Okhulumela uMnyango wezeziMali, uMnuz

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa