Ugwetshwe 30 weminyaka owabulala umnakwabo
UGWETSHWE iminyaka engu-30 eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu owesifazane owashumpula ikhanda likamnakwabo ngoba egajwe yisikhwele.
UJwayelile “Mtsako” Khuboni (39) waKwaSawoti eDonnybrook, ugwetshwe izolo ngecala lokuthumba nelokubulala umnakwabo uNksz Nomthandazo “Maphili” Dlamini (20), owashumpulwa ikhanda nezingalo.
UJwayelile uzivumele yena icala enkantolo. Uthe wathola ukuthi umufi ujola nesoka lakhe uMnuz Kwazikwakhe Mkhize wabe esemthumba izinsuku ezimbili embophele esihlahleni ehlathini, emshaya. Uthe wabuyela ehlathini waqedela umufi ngobhushu.
Ibamba leJaji u-Anand Maharaj litshele lo wesifazane ukuthi akakufanele ukuhlala emphakathini ngenxa yesenzo sakhe sobulwane nesobusathane sokubulala omunye wesifazane ngesihluku.
“Ufanelwe ukuhlala ejele iminyaka emihlanu ngokuthumba, neminyaka engu-25 ngokubulala. Le minyaka ngeke ihambisane okusho ukuthi ugwetshwa iminyaka engu-30 ubhadla ejele,” kusho uMaharaj.
IJaji libeke umbandela wokuba lona wesifazane uma sekufika isikhathi sokufaka isicelo sikashwele kumele kubizwe umndeni kamufi ukuba ube yingxenye yalolo hlelo.
Ngokobufakazi bukambulali, ngoSepthemba 4 nonyaka wathola ukuthi isoka lakhe asebethandane nalo iminyaka engu-26 baze baba nezingane ezintathu iyajola nomufi. NgoSepthemba 6 wahlangana nowesifazane ongumakhelwane okusolakala ukuthi babulala naye umufi. NgoSepthemba 7 wanikela kubo kamufi wacela ingane esencane ukuba imcele aphume kubo umufi. Wenza sengathi ungudadewabo kaMkhize, wacela umufi amphelezele nokuyilapho amumboza khona ngeduku wamfaka ehlathini.
Umakhelwane wafika bambopha ehlathini, bamthembisa isibhaxu esinzima uma eke wakhala.
Bamshiya bembophile. Emuva kwezinsuku ezimbili umakhelwane wamtshela ukuthi ibhemile ngoba umufi wayefunwa umphakathi wonke. Umakhelwane wamtshela ukuthi kumele bambulale umufi.
Uthe wathatha ubhushu banikela ehlathini bayombulala ngoSepthemba 9. Bafika bamqaqa esaphila, yena wasebenzisa ubhushu ukumnquma intamo ephila. Umakhelwane wathatha ubhushu walisusa lonke ikhanda. Basika izingalo zombili, yena wagqiba ingalo kwenye indawo. Umakhelwane wathatha ikhanda nenye ingalo, wayokugqiba kwenye indawo angayazi. Isidumbu basilahla emgwaqweni.
Wezwa ukuthi amaphoyisa afuna abasolwa, wazinikela. Evuma icala uthe uyazisola ngesenzo sakhe.
UMpume ovela kulobu bufakazi akakaboshwa njengoba kuthiwa usekubhaceni.