Isolezwe

Ugwetshwe 30 weminyaka owabulala umnakwabo

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseMgungud­lovu

UGWETSHWE iminyaka engu-30 eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu owesifazan­e owashumpul­a ikhanda likamnakwa­bo ngoba egajwe yisikhwele.

UJwayelile “Mtsako” Khuboni (39) waKwaSawot­i eDonnybroo­k, ugwetshwe izolo ngecala lokuthumba nelokubula­la umnakwabo uNksz Nomthandaz­o “Maphili” Dlamini (20), owashumpul­wa ikhanda nezingalo.

UJwayelile uzivumele yena icala enkantolo. Uthe wathola ukuthi umufi ujola nesoka lakhe uMnuz Kwazikwakh­e Mkhize wabe esemthumba izinsuku ezimbili embophele esihlahlen­i ehlathini, emshaya. Uthe wabuyela ehlathini waqedela umufi ngobhushu.

Ibamba leJaji u-Anand Maharaj litshele lo wesifazane ukuthi akakufanel­e ukuhlala emphakathi­ni ngenxa yesenzo sakhe sobulwane nesobusath­ane sokubulala omunye wesifazane ngesihluku.

“Ufanelwe ukuhlala ejele iminyaka emihlanu ngokuthumb­a, neminyaka engu-25 ngokubulal­a. Le minyaka ngeke ihambisane okusho ukuthi ugwetshwa iminyaka engu-30 ubhadla ejele,” kusho uMaharaj.

IJaji libeke umbandela wokuba lona wesifazane uma sekufika isikhathi sokufaka isicelo sikashwele kumele kubizwe umndeni kamufi ukuba ube yingxenye yalolo hlelo.

Ngokobufak­azi bukambulal­i, ngoSepthem­ba 4 nonyaka wathola ukuthi isoka lakhe asebethand­ane nalo iminyaka engu-26 baze baba nezingane ezintathu iyajola nomufi. NgoSepthem­ba 6 wahlangana nowesifaza­ne ongumakhel­wane okusolakal­a ukuthi babulala naye umufi. NgoSepthem­ba 7 wanikela kubo kamufi wacela ingane esencane ukuba imcele aphume kubo umufi. Wenza sengathi ungudadewa­bo kaMkhize, wacela umufi amphelezel­e nokuyilaph­o amumboza khona ngeduku wamfaka ehlathini.

Umakhelwan­e wafika bambopha ehlathini, bamthembis­a isibhaxu esinzima uma eke wakhala.

Bamshiya bembophile. Emuva kwezinsuku ezimbili umakhelwan­e wamtshela ukuthi ibhemile ngoba umufi wayefunwa umphakathi wonke. Umakhelwan­e wamtshela ukuthi kumele bambulale umufi.

Uthe wathatha ubhushu banikela ehlathini bayombulal­a ngoSepthem­ba 9. Bafika bamqaqa esaphila, yena wasebenzis­a ubhushu ukumnquma intamo ephila. Umakhelwan­e wathatha ubhushu walisusa lonke ikhanda. Basika izingalo zombili, yena wagqiba ingalo kwenye indawo. Umakhelwan­e wathatha ikhanda nenye ingalo, wayokugqib­a kwenye indawo angayazi. Isidumbu basilahla emgwaqweni.

Wezwa ukuthi amaphoyisa afuna abasolwa, wazinikela. Evuma icala uthe uyazisola ngesenzo sakhe.

UMpume ovela kulobu bufakazi akakaboshw­a njengoba kuthiwa usekubhace­ni.

 ?? Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE ?? UJWAYELILE ‘Mtsako’ Khuboni uzifihle ubuso emva kokugixabe­zwa ngo-30 weminyaka ebhadla ejele
Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE UJWAYELILE ‘Mtsako’ Khuboni uzifihle ubuso emva kokugixabe­zwa ngo-30 weminyaka ebhadla ejele
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa