Isolezwe

Kudutshulw­e umfundi wafa Ongoye

- ZANELE MTHETHWA

BAHLALELE ovalweni abafundi base-University of Zululand, Ongoye, emuva kokuthi kudutshulw­e uzakwabo wafa ngoMsombul­uko ebusuku, okuthiwa ubezobhala iphepha lokugcina ngoLwesibi­li.

UNksz Nqobile Ngema (25) okuthiwa ubenza izifundo zobuthisha, udutshulwe amahlandla ayisithuph­a ngaphandle kwesikhung­o KwaDlangez­wa. Abanye abafundi bakhale ngokungaph­ephi kuFacebook. Abanye bebefaka izithombe zomfundi odutshuliw­e bebalisa nangokunga­phephi kwabo.

Esitatimen­deni esifakwe kuFacebook esibhalwe inhlangano yabafundi iNational Students’ Movement (Nasmo), kuvela ukuthi abafundi bakhathaze­kile futhi bayesaba. INasmo idlulise amazwi enduduzo emndenini nakwabanye abafundi abebemazi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­tColonel Thulani Zwane, uthe umfundi udutshulwe ngezithuba zabo 7 ebusuku.

Isidumbu sakhe sitholwe lapho ebehlala khona eNkonjane Reserve.

“Amaphoyisa aseMthunzi­ni aphenya icala lokubulala kodwa akekho oseboshiwe.”

Okhulumela isikhungo, uMnuz Gcina Nhleko, uthe kusekusha ukuthi banganika imininingw­ane ephelele ngomfundi ngoba kusaphenyw­a kodwa bathemba ukuthi kuzocaca maduze.

Sezizining­i izigameko zokubulawa kwabafundi Ongoye. Ngonyaka odlule kwadutshul­wa uMnuz Frank Chirwa owayenza iBachelor of Commerce. NgoJulayi nonyaka kwatholaka­la isidumbu sikaNksz Lelethu Ngobese (21) emjondolo emuva kokuba enyamalele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa