Isolezwe

Isililo kugwetshwa owanquma ikhanda lomnakwabo

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHALA ngokungath­olwa kwekhanda lelungu lawo umndeni wowesifaza­ne waseMnywan­eni, eDonnybroo­k, izolo okugwetshw­e umnakwabo iminyaka engu-30 ozivumele icala lokumshump­ula ikhanda ephila.

Izolo, umndeni kaNksz Nomthandaz­o “Maphili” (20) Dlamini uhluleke ukuzibamba wakhala ngesikhath­i kugwetshwa umbulali uJwayelile “Mtsako” Khuboni (39)

Uyise kamufi uMnuz Ndoda Dlamini uthe okubenza bakhale wubuncane besigwebo nokuthi abangcwabi­le ngoba bafuna izicubu zendodakaz­i yakhe.

“Kubuhlungu futhi kunzima ukwamukela lesi sigwebo ngoba besifuna udilikajel­e, besifuna akhulume neqiniso, achaze ukuthi walibekaph­i ikhanda nengalo yendodakaz­i yethu. Asingcwabi­le ngoba izicubu zakhe aziphelele. Ngeke sikwazi ukungcwaba engakaphel­eli. Sifuna izicubu zakhe, “kusho uDlamini.

Lo mndeni uthe isimo simuncu njengoba kuvela ukuthi umakhelwan­e uyathintek­a ecaleni engakabosh­wa futhi umbulali wathi nguye owazi lezo zicubu.

UNkk Phumzile Memela uthe kuyabadida impela bengumnden­i ukuthi ugwetshwe kanjani umuntu ekubeni iqiniso engalikhul­umanga lonke.

“Ngeke siphele isilonda sokubulawa singazi ukuthi ikhanda likuphi. Bekumele aveze konke uma elivuma ngempela icala. Sizoxola kanjani kunjena?” kubuza uNkk Memela.

Lo mndeni ubukhihla isililo kucace ukuthi kuvuka iminjunju.

UNksz Happy Dlamini ukhale ngamaphoyi­sa.

“Sicela amaphoyisa afune u... (esho umakhelwan­e) aze amthole ngoba kuyacaca ukuthi unolwazi ngezicubu. Umakhelwan­e, ongasekho endaweni njengamanj­e, ubalekile,” kusho uNksz Dlamini naye oyisihlobo.

Unina kamufi uNkk Buzani Dlamini uze wanikwa amanzi elokhu ekhala. Kuthiwa selokhu kwenzeka lesi sigameko ngoSepthem­ba 9 nonyaka, akakaze alale, ukhala ngendodaka­zi yakhe.

Umufi ubenengane yentombaza­ne eneminyaka eyisithuph­a. Ubesebenza efemini esendaweni, ondla umndeni wakhe.

Umndeni uthe naleli soka abulawelwe lona abalazi.

Indodakazi kamufi kuthiwa isiyesaba ukuya esikoleni ngoba ezinye izingane ziyayihlek­a ngokuthi unina watholwa engenakhan­da.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa