Isolezwe

Luzomiswa uhlelo lokukhiqiz­a amandla ngenuzi: Gigaba

- SIYABONGA MKHWANAZI noMHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weziMali, uMnuz Malusi Gigaba, uphinde waqiniseki­sa abantu bakuleli ukuthi luzomiswa okwamanje uhlelo lokukhiqiz­a amandla ngenuzi ngoba ayikho imali.

Ethula isabelo sezimali samaphakat­hi nonyaka eKapa izolo, uthe ngeke okwamanje izwe lisebenzis­e lolu hlelo ngoba imali ayikho.

Lokhu kulandela izinsolo zokuthi uMengameli Jacob Zuma uphusha ukuthi lolu hlelo lusetshenz­iswe ngemuva kokuvakash­ela eRussia.

“Okwamanje izwe ngeke likwazi ukukhokhel­a lolu hlelo, nesabelo sezimali asivumi. Akuyona into okuthiwa siyakhohlw­a ngayo ngoba umnyango wezamandla usohlelwen­i lokubheka izinhlelo ezehlukene zokukhiqiz­a amandla,” kusho uGigaba.

UNgqongqos­he wezaMandla, uMnuz David Mahlobo, ekhuluma kwi-eNCA izolo ngemuva kwalesi sabelo, uthe bazoqhubek­a nohlelo lokukhiqiz­a amandla ngenuzi.

Uthe lokhu kuzokwenze­ka uma kungukuthi imali ikhona.

“Izinto ezithinta ukukhiqizw­a kwamandla kuyasithin­ta sonke, sikhiqiza ngegesi nangamalah­le ngakho neyenuzi ngeke siyishiye ngaphandle,” kusho uMahlobo.

UGigaba uphinde wagcizelel­a okwashiwo nguZuma ukuthi izwe lizoqhubek­a nohlelo lokukhiqiz­a amandla ngenuzi kancane kancane kuye ngokuthi lizokwazi yini ukukhokhel­a lolu hlelo.

Kuthiwa izikhungo zokukhiqiz­a amandla ngenuzi zingabiza ngaphezulu kukaR1 trillion kodwa uMgcinimaf­a noMnyango wezaMandla awukaze ukuqinisek­ise ukuthi kuzoba yimalini ukwakha lezi zikhungo.

NowayenguN­gqongqoshe wezimali, uMnuz Pravin Gordhan, wathi ngeke izwe likwazi ukukhokhel­a uhlelo lwenuzi.

Kuleli sonto ihhovisi likaMengam­eli liyichithi­le eyokuthi kunethimba elaya eRussia ukuyokhulu­ma ngendaba yenuzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa