Isolezwe

Siyanyuka isikweletu sikahulume­ni

- MHLENGI SHANGASE

SIYANYUKA isikweletu sikahulume­ni njengoba ngo-2020 kulindelek­e ukuthi sibe nguR3.4 trillion okusho ukuthi uhulumeni kumele aboleke imali ukuze axhase izinhlelo zakhe.

Ethula isabelo sakhe sokuqala samaphakat­hi nonyaka ePhalamend­e eKapa izolo, uNgqongqos­he wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba ubalule ukuthi ukunyuka kwezikwele­tu kuzokwenza ukuthi ibhekwe eyokunyusw­a kwentela.

Sekubunjwe nethimba loNgqongqo­she elizoqhamu­ka nezixazulu­lo endabeni ethinta izikweletu eminyakeni emithathu ezayo.

Leli thimba elifaka uGigaba, uNgqongqos­he wezobuChwe­pheshe uNkk Naledi Pandor noNgqongqo­she ehhovisi likamengam­eli uMnuz Jeff Radebe lizobe libika ngqo kumengamel­i ngezinhlel­o zokwehlisa izikweletu zikahulume­ni.

“Ezinye izinhlelo kuzodingek­a ukuthi sehlise imali esizixhasa ngayo. Sifuna ukwehlisa isikweletu sikahulume­ni,” kusho uGigaba.

Okhulumela iDA ophikweni lwezimali uMnuz David Maynier, uthe siyakhula isikweletu sikahulume­ni sisuka ku-R67.9 billion sizofinyel­ela kuR2.3 trillion.

“Lokhu kusho ukuthi ngo-2020/2021 isikweletu sizonyuka sifinyelel­e kuR3.4 trillion noma u-60% weGrowth Domestic Product. Kuyashaqis­a ukuthi imali eyinzuzo ishoda ngoR50.8 billion,” kusho uMaynier.

UGigaba uthe lo R50.8 billion wenzuzo eshodayo kulindelek­e ukuthi eminyakeni ezayo, ngo-2020 inyuke ibe nguR89.4 billion.

Uthe eminyakeni ezayo umnotho kulindelek­e ukuthi ukhule ngo-1.2% wathi ngo-2020 uzokhula kancane ngo-1.9%.

UGigaba uthe kudingeka kukhuliswe umnotho wathi akungabaze­ki ukuthi likhona ithemba lokuthi umnotho ungakhula.

Uthe izinga lokungaseb­enzi liphezulu njengoba lingu-27.7% wathi abantu abakhahlam­ezeka kakhulu yintsha.

Uthe omasipala kulindelek­e ukuthi basebenzis­e uR197 billion wanxusa ukuthi abenza imisebenzi nohulumeni bakhokhelw­e zingakaphe­li izinsuku ezingu-30.

“Sibambe umkhonyovu kuhulumeni nasezinkam­panini zawo ngokubuyek­ezwa kwezinkont­ileka ezingaphez­ulu kukaR10 million.

“Izikhulu zikahulume­ni ezihluleka ukukhokhel­a izinkampan­i ezenza umsebenzi kumele zithathelw­e izinyathel­o,” kusho uGigaba.

Ubalule nokuthi sebonge uR2 billion ezintweni ezithinta ukubanjwa kwemihlang­ano, ukukhangis­a, ukudla nezinto ezithinta ukulaliswa kwabaseben­zi bakahulume­ni.

 ?? Isithombe: PHANDO JIKELO/ANA ?? UNGQONGQOS­HE wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba ebingelela uMengameli Jacob Zuma nePhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa izolo njengoba ebethula isabelo sokuqala samaphakat­hi nonyaka ePhalamend­e eKapa
Isithombe: PHANDO JIKELO/ANA UNGQONGQOS­HE wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba ebingelela uMengameli Jacob Zuma nePhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa izolo njengoba ebethula isabelo sokuqala samaphakat­hi nonyaka ePhalamend­e eKapa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa