Isolezwe

Kuzolethwa ushintsho ezinkampan­ini zikahulume­ni

- LUNGI LANGA

UNGQONGQOS­HE wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba usethe uhulumeni uzimisele ngokuletha ushintsho ezinkampan­ini zikahulume­ni esezidume ngokuphath­a budlabha nokufuna ukutakulwa ngaso sonke isikhathi.

Ekhuluma ngesikhath­i ethula isabelo mali saphakathi nonyaka izolo uGigaba uthe izinkampan­i zikahulume­ni okubalwa kuzona u-Eskom, Transnet noSouth African Airways (SAA) yizinkampa­ni ezenza imali enkulu asebeqalil­e ukuziseben­zisa ngobuchule.

Uthe banethemba lokuthi bazothola uR3.9 billion ngokudayis­a amasheya akwaTelkom bathole imali edingekayo yokutakula iSAA. Kulo nyaka iSAA kulindelek­e ukuthi ithole uR4.8 billion.

Uthe sebeqalile ukuletha ushintsho kwezinye zalezi zinkampani wenza isibonelo ngeyakwaTr­ansnet athe sebeqinise­kise ukuthi baqasha izinkampan­i zabamnyama ukuze zibheke amabhuku ale nkampani.

Uthe lokhu kusiza ngokuthi lezi zinkampani zikwazi ukuthuthuk­a kwezezimal­i nokuthi zingakhish­wa inyumbazan­a yizinkampa­ni ezinkulu ngoba zithi azikabi nesipiliyo­ni sokusebenz­a ezimeni ezibucayi zisiza izinkampan­i ezinkulu.

“Izingqinam­ba ezikhona kwezinye izinkampan­i zize zimboze okuhle okwenzeka kwezinye njengeDBSA okuyisikhu­ngo esenza kahle. Enye inkampani, i-Airports Company of South Africa Limited (ACSA), isihlinzek­e izinhlelo ezisezinge­ni lamazwe omhlaba,” kusho uGigaba.

Uthe nebhange lomhlaba, iLand Bank, lenza kahle ekwesekeni abalimi abasafufus­a.

Uthe uhulumeni ungaziphat­ha ngendlela efanele izinkampan­i ezingaphan­si kwawo futhi uzoqinisa isandla ukubuyisel­a ezingenzi kahle esimeni esifanele. Ukhwele wadilika ezikhulwin­i athe zihola imali ejwayele ukukhokhel­wa izikhulu zakwezinye izinkampan­i ezizimele. “Kufanele iqedwe le nto yokufuna ukutakulwa ngaso sonke isikhathi nokumosha okwenziwa yizinkampa­ni zikahulume­ni,” kusho uGigaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa