Isolezwe

Sigxekwe abaningi isabelo-mali

- MLUNGISI GUMEDE

KUHLUKENE imibono emaqenjini ezombusazw­e ngesabelo-mali sesigamu sonyaka esethulwe nguNgqongq­oshe weziMali kuleli, uMnuz Malusi Gigaba izolo.

Umholi we-UDM uGeneral Bantu Holomisa umgxekile uGigaba wathi isabelo-mali sakhe asibambeki. Umholi weCope uMnuz Mosiuoa Lekota naye usigxekile wathi uyilahle ngohlelo lwenuzi kagesi esisuse umsindo.

Umholi we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi uthe ubengenalo ithemba lokuthi ikhona into esile ezophuma kulesi sabelo-mali.

UButhelezi umncomile uGigaba wathi ukhombise ukwethembe­ka ngokubeka isimo somnotho wezwe njengoba sinjalo.

Inkulumo kaGigaba iqale ngokuphaza­miseka. Amalungu e-EFF abengafuni akhulume ethi ukhohlakel­e futhi uyinceleba­ne yakwaGupta.

Umsindo ususwe nguDkt Mbuyiseni Ndlozi othe ngeke umfana wakwaGupta (Gigaba) athule isabelo-mali ePhalamend­e.

Uthe uGigaba ugcwele inkohlakal­o, wathi uma bemvumela kuzokube bagcoba inkohlakal­o yakhe.

Okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnuz Zizi Kodwa uncomile wathi sigxile kubantu.

“I-ANC ineme ngendlela uGigaba acubungula ngayo izinkinga eziphazami­sa ukuyiswa kwezidingo kubantu,” kusho uKodwa.

Uthe bayakwamuk­ela ukungenele­la kukahulume­ni ekukhulisw­eni komnotho wamalokish­i, izindaba zasemakhay­a, ukuqiniswa kwamabhizi­nisi kahulumeni nokwengezw­a kwemali esiza abafundi emanyuvesi.

INhloko yezokuXhum­ana kwiNFP uMnuz Sabelo Sigudu ithe okushiwo wuGigaba yizithembi­so ezingeke zifezwe.

“UGigaba uphinda iphutha likaMengam­eli Jacob Zuma lokukhuphu­la amathemba angekho,” kusho uSigudu.

Okhulumela iPAC kuzwelonke uMnuz Kenneth Mokgatlhe uthe baphoxekil­e ngesabelo-mali ngoba asikhuluma­nga ngezinto ezithinta abantu.

Uthe abazange batshelwe ukuthi iSAA izotakulwa kanjani ezinkingen­i enazo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa