Isolezwe

Sichithiwe isinqumo sokumiswa kuka-Apleni

- INTATHELI YESOLEZWE NO-ANA

INKANTOLO enkulu iNorth Gauteng Court seyiveze ukuthi isinqumo sokumiswa kowayenguM­qondisi Jikelele woMnyango wezaseKhay­a uMnuz Mkuseli Apleni akukho emthethwen­i.

Inkantolo ithe obenguNgqo­ngqoshe wezaseKhay­a, uSolwazi Hlengiwe Mkhize ubengenawo amandla okumisa u-Apleni.

Uye enkantolo emuva kokuthi emiswe nguSolwazi Mkhize obengungqo­ngqoshe nosekungen­e uNkk Ayanda Dlodlo esikhaleni sakhe.

UMnyango wezaseKhay­a wakhipha isitatimen­de uveza ukuthi uSolwazi Mkhize umise u-Apleni. Bathi umiswe kusuka ngoSepthem­ba 18 nonyaka. Sagcina singacacan­ga isizathu sokumiswa kwakhe.

U-Apleni ubelokhu ekugcizele­le ukuthi umuntu ongammisa emsebenzin­i ngumengame­li wezwe, hhayi ungqongqos­he.

Ngesikhath­i emmisa ngenyanga edlule, ungqongqos­he akazange asibeke isizathu.

U-Apleni wabeka izinsolo zokuthi ungqongqos­he ubefuna ukumsusa ukuze akwazi ukukhokhel­a elinye lamacala elalibekwe umnyango engasekho ngoba yena wayesiphik­isile isinqumo sokuthi kwenziwe lokho.

Isiphikisa isinqumo sokumiswa kwakhe izolo, inkantolo ithe ungqongqos­he wezaseKhay­a “wayengenaw­o amandla okumisa umgilwa nokuthi isinqumo sokummisa sasiphambe­ne nomthetho.”

Inkantolo inike ungqongqos­he umyalelo wokuthi akhokhele izindleko zesicelo. U-Apleni uthe isinqumo senkantolo sisho ukuthi usengabuye­la emsebenzin­i. UMnyango wezaseKhay­a bewungakak­uvezi ukuthi uzimisele yini ukuphikisa isinqumo senkantolo.

 ?? Isithombe: MASI LOSI ?? UMQONDISI JIKELELE woMnyango wezaseKhay­a uMnuz Mkhuseli Apleni okuchithwe isinqumo sokumiswa kwakhe
Isithombe: MASI LOSI UMQONDISI JIKELELE woMnyango wezaseKhay­a uMnuz Mkhuseli Apleni okuchithwe isinqumo sokumiswa kwakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa