Isolezwe

Umndeni kaMeyiwa usuthembe umthandazo

- MLUNGISI GUMEDE

USUBEKE amathemba emkhulekwe­ni umndeni wowayengun­ozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana ongasekho, uSenzo Meyiwa, osekuphele iminyaka emithathu abulawa kodwa bekungakab­oshwa muntu.

Uyise kaSenzo, uMnuz Sam Meyiwa, izolo uthe uhlele ukhukhulel­angoqo womkhuleko ukuze “kuqaqeke amafindo” endabeni yokubulawa kwendodana yakhe.

“Siyabona sengathi yonke into kaSenzo ibophekile, abantu abambulala ababanjwa kanti futhi kunenkinga ngemali yakhe. Manje sesithi ake sinxuse uMdali angenelele mhlawumbe uzophendul­a ngoba siyazi phela ukuthi ayikho into ehlula umthandazo,” kusho uMeyiwa.

UMeyiwa uthe inkonzo kaSenzo izoba yizinsuku ezintathu. “Umkhuleko uzoqala ngoLwesihl­anu (kusasa) lapha ekhaya uphele ngeSonto,” kusho uMeyiwa.

Uthe inkonzo izobe iholwa yibandla iHoly Apostolic Church in Christ noSenzo abekhonza kulo.

“Silindele amakholwa avela eNingizimu Afrika yonke eza enkonzweni kaSenzo, nabalandel­i bePirates siyabamema nabo ukuthi abeze enkonzweni sizokhulek­a ndawonye,” kusho uMeyiwa.

Uthe kubaphatha kabi ukuthi sekuphele iminyaka emithathu kodwa abantu ababulala indodana yakhe abakabanjw­a namanje.

USenzo wabulawa ngesikhath­i ekubo kwantombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus ngo-Okthoba 2014.

Kwaboshwa uMnuz Zamokuhle Mbatha kodwa wabuye wadedelwa ngenxa yokungabik­hona kobufakazi obumhlanga­nisa necala.

Kumanje uMbatha ubopha umbuso ngokumboph­ela ize.

UMeyiwa usola ukuthi amaphoyisa agwazelwa okuwenza ehluleke ukubopha ababulali bendodana yakhe.

 ??  ?? OWAYENGUNO­ZINTI we-Orlando Pirates neBafana Bafana ongasekho, uSenzo Meyiwa, okuzoba nokhukhule­langoqo womkhuleko wakhe okuhloswe ngawo ‘ukuqaqa amafindo’ kubanjwe nabantu abambulala njengoba sekuphele iminyaka emithathu kungaboshw­a muntu ngokufa kwakhe
OWAYENGUNO­ZINTI we-Orlando Pirates neBafana Bafana ongasekho, uSenzo Meyiwa, okuzoba nokhukhule­langoqo womkhuleko wakhe okuhloswe ngawo ‘ukuqaqa amafindo’ kubanjwe nabantu abambulala njengoba sekuphele iminyaka emithathu kungaboshw­a muntu ngokufa kwakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa