Bashaya amakhala ngezibalo zikaMbalula
ZISHAYA amakhala izinhlaka ezilwa nobugebengu KwaZulu-Natal ngezibalo zobugebengu ezikhishwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Fikile Mbalula ngoLwesibili.
USihlalo weKwaZulu-Natal Community Crime Prevention Association (KZNCCPA) uMnuz Tallman Zuma uthe basadinga ukufundiswa bewumphakathi ukuthi amaphoyisa azithathaphi lezi zibalo.
“Ngizokhuluma ngezinkomo esilwa kakhulu nokwebiwa kwazo. Kufike kulahleke izinkomo zibikwe esiteshini samaphoyisa kanti izinkomo zizidukele. Uma sezitholakala kungabe kusayiwa esiteshini samaphoyisa kugcine kuvulwe icala kanti alisekho,” kusho uZuma.
Ngokwezibalo ezikhishwe uMbalula amacala okwebiwa kwemfuyo aphezulu eminyakeni emithathu edlule. Kulo nyaka kuthiwa angu-5 731 okwebiwa kwemfuyo eKZN, nyakenye abe engu-5 956.
UZuma uthe enye inkinga ababhekene nayo ukuthi amacala okwebiwa kwemfuyo awagwebi muntu.
“Ayikho into ebukelwa phansi njengezinkomo, amaphoyisa ayabopha icala liye enkantolo, abashushisi nezimantshi badedele amasela ngenxa yokuthi abukho ubufakazi obubambekayo. Amasela noma esebanjiwe nezinkomo zabantu avele athi awazi ukuthi zifike nobani ngoba emakhaya azo akubiyiwe,” kusho uZuma. Ungeza ngokuthi wonke amasela ezinkomo ayaziwa kodwa awaboshwa.
Uthe enye into ebahluphayo ukuthi abasuke bentshontshelwe izinkomo abafuni ukubopha abasolwa, bavele bathi bafuna izinkomo zabo. UZuma uthe kuyawukhinyabeza umkhankaso wabo wokulwa nokwebiywa kwemfuyo ukuthi osuke entshontshelwe axoxe nesela athi alibuyise izinkomo.
“Umsolwa uyaboshwa, ontshontshelwe athi ufuna imfuyo yakhe, isela lidedelwe enkantolo ngemuva kokuthembisa ukuthi lizoyikhokha imfuyo eliyebile. Umbuzo esizibuza wona ukuthi lisuke lizozithathaphi izinkomo elizokhokha ngazo,” kusho uZuma.
Isishoshovu esilwela amalungelo abantu esiqaphe ngeso lokhozi ukubulawa kwabantu ehostela iGlebelands, uNksz Vanessa Burger naso sihambe emazwini kaZuma sathi izibalo zobugebengu ezikhishwa ngamaphoyisa azibambeki. Uthe yize izibalo zidida kodwa zikhombisa ukuthi usemkhulu umsebenzi ohlalele amaphoyisa. “Ukulwa nobugengu akusiwo umsebenzi wamaphoyisa kuphela kodwa nomphakathi kumele ubambe iqhaza. Esinye isizathu esenza ibe inkinga indaba yokulwa nobugebengu ukuthi iningi lamaphoyisa ligcwele inkohlakalo,” kusho uNksz Burger.