Amaphoyisa atelekele umphathi odubule elinye
KUME nse ukusebenza esiteshini samaphoyisa eSydenham, eThekwini, kusuka ngongoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokuba amaphoyisa esiteshi sakhona eshiye phansi ngoba efuna umphathi wawo amiswe emsebenzini, athweswe amacala.
Lesi siteleka silandela isigameko sokudutshulwa kubulawe elinye iphoyisa okuthiwa lalisoleka ekugqekezeni lihambisana nezigebengu ngeledlule.
Isolezwe ngeSonto libike ngokubulawa kwephoyisa ebelisesikhundleni sokuba uConstable okuthiwa lase liboshwe ngumphathi walo onguColonel.
Kuthiwa ngesikhathi liboshwa kwaphoqeleka ukuba kuyolandwa isibhamu somsebenzi emzini walo eWestville, lapho okuthiwa lazama ukudubula umphathi. Imibiko ithi wabe esezivikela walidubula kane lafa.
Umthombo othembekile kulesi siteshi uthi amaphoyisa alaxaze umsebenzi kusukela ngoLwesihlanu olwedlule aze abuyela izolo sekungenele inyunyana yawo iPopcru.
Umthombo uthe nakuba kubuyelwe emsebenzini kodwa isimo simuncu ngoba abazi ukuthi kuzokwenzekani.
Umthombo uthe ziningi izigameko zokucwaswa ngebala eziqhubeka kulesi siteshi.
Uveze nokuthi lo mphathi akawazi nokuthi ayini amaphoyisa ebala elinsundu. Umthombo ongashayi eceleni uthe amaphoyisa acikekile yizenzo zomphathi, okuthiwa uzenzela umathanda.
UNobhala wale nyunyana KwaZulu-Natal uNksz Nthabeleng Molefe, uthe basola izenzo zokucwasa ngokobuhlanga ezenzeka kulesi siteshi.
‘’Imizamo eyenziwa wumqashi ayisizi ngoba siyaqhubeka nokubona izigameko zokucwasa ngokwebala eziteshini eziningi eThekwini.
Ukubulawa kwaleli phoyisa akusiniki ukuphumula ngoba wayeboshwe amaphoyisa esiteshi iGreenwood Park,’’ kusho uNksz Molefe.
Uthe maningi amacala avulelwe lo mphathi osolwa ngokudubula, bafuna ukwazi ukuthi ashonaphi njengoba engakaze aboshwe. UNksz Molefe uqhube wathi lo mphathi ubukeka engumuntu othandayo ukudlalela esibhamini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal uColonel Thembeka Mbhele uthe udaba luphenywa wuphiko oluphenya amaphoyisa i-IPID.
‘’Siyethemba ukuthi lolu phiko luzophenya ngempumelelo, sizobambisana nalo siyacela nokuthi noma ngabe ubani onolwazi asize abaphenyi ngalolu daba,’’ kusho uColonel Mbhele.
Okhulumela uphiko i-IPID uMnuz Moses Dlamini ukuqinisekisile ukuthi udaba lusezithebeni zabo bamatasa nophenyo lwabo.