Isolezwe

Inkosi ifuna unwetshwe umgwaqo oya eBuhleni

- ZANELE MTHETHWA

INKOSI yamaQadi uMqoqi Ngcobo ifuna kunwetshwe umgwaqo ongenela eBuhleni, ukunciphis­a izingozi nesiminyam­inya esidaleka uma kuyinkonzo yamaNazare­tha.

UNgcobo ubeyingxen­ye yomkhankas­o kahulumeni iSukuma Sakhe eNanda, lapho bekuqinisw­a ezokupheph­a emgwaqweni. Uthe kuyamkhath­aza ukwanda kwezingozi ezithinta isizwe samaQadi njengoba zimbili ezenzeke nonyaka.

“Umgwaqo oya eBuhleni awunazo izinciphis­ajubane ekubeni abashayeli bayagijima. Kwenye ingozi yanonyaka, okushone kuyo abaningi, sathola ukuthi itekisi yehla emgwaqweni indiza, ibalekela amaphoyisa. Okubi ukuthi kunezikole eduze kwalo mgwaqo. Singajabul­a uma uhulumeni engasheshi­sa ukufakwa kwezinciph­isajubane, enze neminye imigwaqo engenela eBuhleni ukugwema isiminyami­nya,” kusho uNgcobo.

Umgwaqo akhuluma ngawo uphakathi koMzinyath­i neNgcongcw­eni lapho ngoJuni nonyaka kwaphaphal­aza itekisi kwashona kuyo abane. Ngenyanga edlule kuphinde kwashona ababili emgwaqweni ofanayo. Ngomunye unyaka kwaphaphal­aza iloli yashayisa ababehamba ngezinyawo eduze kwesikole iVusukukha­nya Primary.

UMnuz Bonke Chili oyikhansel­a ku-ward 3 eMzinyathi, uthe ngonyaka odlule emuva kokhetho lwango-Agasti ahlukanisw­a amawadi, okwenza umgwaqo onenkinga ungabe usaba ngaphansi kwakhe. Uthe ngesikhath­i behlangani­siwe wayikhulum­a eyezinciph­isajubane, eziqalile ukufakwa kwenye ingxenye yomgwaqo. Ukuvumile ukuthi umgwaqo udinga ukusukunye­lwa ngoba uyabaqeda abantu.

Izolo ithimba obekukhona kulo amaphoyisa neNhloko yoMnyango wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Simiso Magagula, liqale ngesivimba­mqwaqo eMtshebhen­i. Kubuye kwayobhekw­a nomgwaqo uP100 owakhiwayo, ohlanganis­a Inanda neNdwedwe. Lo mgwaqo ungu-30 km ubude. Sekusele kancane uphothulwe. Inhloso yokwakhiwa kwawo ukwenza kube lula ukuhlangan­isa lezi zindawo njengoba indlela ibijikelez­a. Bangu-50 abaqashwa unyaka nonyaka ukuba yingxenye yohlelo lokulungis­wa kwalo mgwaqo.

Umkhankaso weSukuma Sakhe izolo ubuyingxen­ye yekhwelo elihlatshw­e uNdunankul­u wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu, ojube ongqongqos­he ukuhambela omasipala abahlukene esifundazw­eni. UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho uMnuz Sihle Zikalala ubeseJozin­i wabuye waba nesithanga­mi nabezindab­a esiteshini samaphoyis­a eNgwavuma.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? BAPHUME zinkalo zonke ongqongqos­he beqhuba umkhankaso iSukuma Sakhe, okubalwa uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal uNkk Weziwe Thusi obekuMasip­ala Ugu
Isithombe:SITHUNYELW­E BAPHUME zinkalo zonke ongqongqos­he beqhuba umkhankaso iSukuma Sakhe, okubalwa uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal uNkk Weziwe Thusi obekuMasip­ala Ugu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa