INingizimu Afrika ishoda ngabeluleki bezolimo
KUSAZOTHATHA isikhathi ngaphambi kokuthi iNingizimu Afrika ibe nabeluleki bezolimo abenele.
Lokhu kuvezwe uMnuz Tozamile Lukhalo onguSihlalo wekomiti elihlela ingqungquthela yabeluleki bezolimo, i-3rd Agricultural Extension Week Conference ngesikhathi kunesithangami sabezindaba esandulela le ngqungquthela, izolo.
Le ngqungquthela izoqala ngoMsombuluko iphele ngoLwesihlanu. Izihambeli zayo eziphuma emhlabeni wonke zizobe zicobelelana ngezindlela zezolimo eziphephile ezingayilimazi imvelo, amasu nezindlela ezilula zokwazisa abalimi uma kuzoshintsha isimo sezulu nokuthi abalimi bangenzenjani ukuze baqhubeke nokukhiqiza kuleso simo. Okunye okuzobe kubhekwa ukuthi bungasetshenziswa kanjani ubuchwepheshe ekuthuthukiseni ezolimo. Izindlela zokuheha nokuthuthukisa abesifazane nentsha emkhakheni wezolimo nazo zizobhekwa.
ULukhalo uthe bangu-3 100 abeluleki bezolimo kuleli kanti KwaZulu-Natal bangu- 629. “Ngokomthetho umeluleki oyedwa kumele asize abalimi abangu-500, njengamanje umeluleki oyedwa weluleka abalimi abangu-800 kuya phezulu. INingizimu Afrika idinga abeluleki abangu-9000.”
UMengameli weSouth African Society of Agricultural Extension (SASAE), uMnuz Kuben Moodley, uthe izifundiswa ezisemkhakheni wezolimo, izikhungo ezidayisa imikhiqizo yezolimo, izinhlangano zezolimo ziyawusiza umphakathi ngezeluleko. “Ngo-2008 ucwaningo lwethu lwaveza ukuthi abeluleki bethu abanazo iziqu ezifanele, abasebenzi ngendlela okumele basebenze ngayo futhi abanalo nolwazi oluyilo. Manje iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe amathathu emhlabeni aphumelele ukwenza abeluleki bezolimo babe sesigabeni esifanele.”
Uthe lokhu kwenziwe ngukuthi abeluleki abebengenazo iziqu banikezwe ithuba lokuthi bafunde, abebenazo iziqu ezithile bazithuthukise, kwehliswe isibalo sabalimi abasizwa ngumeluleki ngamunye kuphinde kusungulwe umkhandlu wabeluleki.
UNobhala we-African Forum for Agricultural Advisory Services (AFAAS), uMnuz Max Olupot, uthe i-Afrika isiphenduke insengwakazi ezinkampanini zezobuchwepheshe eziyidayisela imikhiqizo. “Kumele sazi ukuthi yiluphi uhlobo lobuchwepheshe esiludingayo, sibe nesiqiniseko sokuthi sisebenzisa ubuchwepheshe obuzosinika lokho esikudingayo. Sidinga ubuchwepheshe obuzosisiza ukuze sizithuthukise emkhakheni wokushintsha umkhiqizo wezolimo kwenziwe eminye imikhiqizo i- agro-proccessing.”