Isolezwe

Umnyango uhambisa izincwadi ulungisele­la unyaka ozayo

- MHLENGI SHANGASE

IZIKHULU zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal zihlose ukuthi kuphele le nyanga zibe sezifikile zonke izincwadi zokufunda zangonyaka ozayo.

Lo mnyango umatasa uhambisa izincwadi ezikoleni zesifundaz­we ukuze kuthi kuvulwa izikole ngoJanuwar­i wonyaka ozayo kube kusha umsebenzi wokufunda nokufundis­a.

UDkt Enock Nzama, inhloko yomnyango wezemfundo esifundazw­eni uthe kumele kuphele le nyanga sebephothu­lile ukuhanjisw­a kwezincwad­i ezikoleni.

Uthe ibalelwa kuR326 million imali yokuthenga izincwadi esifundazw­eni.

“Sesiyikhok­hile imali yokuthenga izincwadi kumanje ziyahanjis­wa ezikoleni. Sifuna ukuthi uma kuvulwa izikole kungabi nokuphazam­iseka njengoba izincwadi sizihambis­a manje kungakaval­wa nezikole,” kusho uNzama.

Umbiko womnyango othulwe esiShayamt­hetho sesifundaz­we muva nje uveza ukuthi ezikoleni ezingu-5 850 zesifundaz­we, zingu-3 121 ezithengel­wa umnyango izincwadi, ezingu-2 729 ziyazithen­gela.

Zingu-4 225 izikole ezithenge izincwadi kanye kanye okwenza ukuthi kube nesaphulel­o.

UMnuz Thami Mbanjwa, umqondisi obhekele ukusabalal­isa izinsizaku­funda emnyangwen­i, uthe nakanjani kumele kuphele le nyanga zonke izincwadi sezifikile ezikoleni.

Uthe zonke izincwadi zifikela esikhungwe­ni esiseManzi­mtoti, bese zithunyelw­a ezikhungwe­ni ezincane ezisabalel­e isifundazw­e sonke.

“Kulezi zikhungo ezincane sisuke senzela ukuthi kube lula ukuthi izincwadi zifinyelel­e ezikoleni. Izindawo ezinalezi zikhungo iseMpangen­i, Ixobho, Ladysmith, Vyrheid naseMkhuze,” kusho uMbanjwa.

Uthe inkampani eyathola ithenda yokusabala­lisa izincwadi, iNdabase Printing iyona eyenza lo msebenzi iphinde iqashe osomabhizi­nisi bendawo.

Kuke kwaba nokukhala ngokuthi umnyango awuzikhokh­eli ngesikhath­i izinkampan­i ezenza umsebenzi nawo.

Selokhu le nkampani yathola lo msebenzi eminyakeni edlule akukaze kutholakal­e izincwadi zilahliwe njengoba kuke kwenzeka eLimpopo.

“Ngasohlang­othini lo mnyango sithola ubufakazi bokuthi zonke izincwadi zihambile. Isikole nesikole siyasayina ukuthi sizitholil­e izincwadi ezifanele ngokuletha ama-invoice,” kusho uMbanjwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa