Isolezwe

Isifo sohlangoth­i siyagwemek­a

-

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natali uzimisele ukuqhubeka nokuqwashi­sa umphakathi ngobungozi bezifo ezigadla kungazelel­e muntu, zithathe imiphefumu­lo zishiye kukhalwa, njengesifo sohlangoth­i.

Ngokwenhla­ngano yesifo sohlangoth­i iHeart and Stroke Foundation South Africa, isifo sohlangoth­i, esihlobene nesenhlizi­yo, singesesib­ili esibulala kakhulu abesifazan­e futhi sihlasela bona kakhulu ngoba yibo abakhuluph­ele kakhulu uma beqhathani­swa nabesilisa.

Ngaphezu kwalokhu abesifazan­e yibo abahlaselw­a wukwenyuka komfutho wegazi ngesikhath­i bekhulelwe, benokhwant­alala nengcindez­i yomphefumu­lo. Le nhlangano ithi bangu-150 abantu abahlaselw­a yisifo sohlangoth­i kuleli ngosuku kanti ngonyaka balinganis­elwa ku-4 000 abashonayo.

Njengoba imikhakha eyahlukene yezempilo emhlabeni izoba semikhanka­sweni yokusabala­lisa ulwazi ngesifo sohlangoth­i ngo-Okthoba 29, okuyiWorld Stroke Day, sifisa ukukhumbuz­a abantu ukuthi lesi sifo siyagwemek­a.

Sidalwa yini isifo sohlangoth­i?

Lesi sifo sigadla ngesikhath­i kuvaleka noma kuqhuma imithambo yegazi ehambisa i-oxygen emqondweni. Abantu abasengcup­heni yilabo ababhemayo, abakhuluph­ele kakhulu, abanomfuth­o wegazi ophezulu nabanesifo sikashukel­a.

Nakuba kwenzeka ukuthi umuntu abe nezingqina­mba ezingamube­ka engcupheni yokuba nesifo sohlangoth­i ngenxa yofuzo kodwa esikhathin­i esiningi lokhu kudalwa ukudla okungenams­oco, okunamafut­ha nosawoti omningi, ukubhema ugwayi, ukucwila ezinkamben­i zikaFaro, ukungazivo­cavoci – okungahole­la ekukhuluph­aleni ngokweqile - nokukhandl­eka ngokomqond­o.

Sesiyazi ukuthi ingcindezi enkulu yezifo esibhekene nayo ibangwa yizifo ezithelela­yo nezingatha­thelani. Kulezi zifo singabala ezingamahl­alakhona (njengesohl­angothi, esomfutho wegazi ophezulu, esikashuke­la, umdlavuza nesezinso); yinhlangan­isela yeHIV, TB ne-AIDS; ukushona komama uma beyoteta nezingane zabo; nezigameko zokuhlukum­ezeka ngenxa yokulimala ezingozini zomgwaqo nokulinyaz­wa ngezikhali ezinhlobon­hlobo.

Lapha KwaZulu-Natal baningi abantu abaphethwe yinhlangan­isela yalezi zifo, nokwenza amasosha abo omzimba abe buthakatha­ka. Uma labantu behlaselwa wukugula, bekhulelwa noma belimala lokhu kubafaka esimeni sempilo esixakile, bese kuba nzima ukubelapha. Konke lokhu kwenza abantu basheshe bagule, bagcine beshone isikhathi singakasha­yi, bese beshiya izintandan­e kungenasid­ingo.

Le ngcindezi yezifo iphinde idle enkulu imali, yenze kube nzima nakuhulume­ni ukuba ahlinzeke umphakathi ngezinsiza ngokufanel­e njengoba izikhungo zezempilo zigcwele ziphuphuma. Ngokubambi­sana singasiguq­ula lesi simo.

Kuningi esingakufu­nda emazweni afana noChina, Cuba neBrazil ngokuqhaka­mbisa kwawo ukugwema izifo. Izakhamuzi zalamazwe azethembel­e ekwelashwe­ni, kodwa ziyakuqond­a ukuthi impilo yazo isezandlen­i zazo, yingakho ziphila kahle, nakade. Lokhu kuyawasiza lamazwe ngoba ohulumeni bawo bonga imali futhi awalahleke­lwa wumlando wawo namasiko ngoba abantu abadala bahlale bekhona ukugcina izinto ezingamagu­gu esizwe bazidlulis­ele kwizizukul­wane. Nathi singakwenz­a lokhu.

Yini ongayenza ukugwema isifo sohlangoth­i?

Lezi zifo ezingamahl­alakhona – ezinye zazo eziholela esifeni sohlangoth­i - singazinci­phisa ngokuzijwa­yeza ukuzivocav­oca, sivakashel­e nasemthola­mpilo okungenani kanye ngonyaka ukuze sithole ukuhlolwa. Ukuzijwaye­za ukuyohlolw­a emtholampi­lo ngaphandle kokulinda ukuthi uze ugule kungasiza ngokuthi kusheshe kubonakale uma usengcuphe­ni.

Abezempilo bazobe sebekwelul­eka ngokuthi ungayiguqu­la kanjani indlela ophila ngayo ukuze wehlise amathuba okuhlaselw­a yisifo sohlangoth­i.

Ukuze sibe yisizwe esiphilile nesinenqub­ekela phambili, kuzobalule­ka ukuba sithathe izinqumo eziphusile ngempilo yethu. Uma sidla ukudla okungenams­oco, singazivoc­avoci, sicwila ophuzweni oludakayo nasezidaka­mizweni, nakanjani sizoqhubek­a nokuba nezinkinga zezempilo. Asingakuvu­meli lokhu.

UDkt Sibongisen­i Dhlomo uwuNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa