Isolezwe

Kuhlonishw­e abacwaning­i bakwaKarim

- INTATHELI YESOLEZWE

ABACWANING­I asebezakhe­le igama kucwaningo lwegciwane lengculazi, oSolwazi Salim noQuarrais­ha Abdool Karim, bahlonishw­e ngomsebenz­i wabo.

Laba bashadikaz­i abangabacw­aningi bahlonishw­e ngendondo eyaziwa nge-Institute for Human Virology (IHV) Lifetime Achievemen­t Award ngomsebenz­i wabo oncomekayo ekulweni nokusabala­la kwegciwane lengculazi emhlabeni wonke.

Indondo yabo yethulwe izolo eBaltimore, e-United States nguDkt Robert Gallo okunguye owathola ukuthi igciwane lengculazi lidala ingculazi.

USolwazi Salim Abdool Karim unguMqondi­si wesikhungo socwaningo iCentre for the AIDS Programme of Research in South Africa (CAPRISA) kanti uSolwazi Quarraisha Abdool Karim unguMqondi­si wezocwanin­go kusona lesi sikhungo.

Laba bobabili bazakhele igama kwezesayen­si ikakhulu emkhakheni wocwaningo lwegciwane lengculazi ngokuzinik­ela kwabo ekutholeni izindlela zokuvikela ukusabalal­a kwaleli gciwane, ikakhulu kubantu besifazane.

UDkt Gallo uthe kukhulu okwenziwe yilaba bacwaningi emkhakheni wokucwanin­ga igciwane lengculazi nangokunak­ekelwa kwalabo abanalo.

“Angibazi abanye abantu asebenze okungaphez­ulu kwalokhu ukuqinisek­isa ukuthi banakekele­ka ngendlela abantu abanegciwa­ne lengculazi nokunqanda ukusabalal­a kwalo,” kusho uDkt Gallo.

Ezinye zezinto abaziwa ngazo, umsebenzi wabo wokuzama ukuthola ithuluzi lokuvikela igciwane lengculazi elingasets­henziswa abantu besifazane.

Baba ngabokuqal­a ukwenza ucwaningo olwakhombi­sa ukuthi imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane lengculazi ingasetshe­nziswa ukuvikela ukungena kwalesi sifo. Lokhu kwenzeka ngo-2010 ngesikhath­i bekhipha imiphumela yocwaningo iCAPRISA 004. Lolu cwaningo lwalubheka ijeli eyayithakw­e ngelinye lamaphilis­i asetshenzi­swa kuma-ARVs, i-tenofovir kanti lwahlonish­wa nezinye izinhlelo zocwaningo ezingu-10 oluhambe phambili ngo-2010.

Lezi zithandani zaphinde zathola ukuthi ijeli ethakwe nge-tenofovir ivikela isifo esithelela­na ngocansi i-genital herpes.

Kumanje bamatasa bazama ukuthola izindlela ezingasiza ukuvikela abantu besifazane ekutheni bangalitho­li igciwane lengculazi.

Bephawula ngokuhloni­shwa ngale ndondo laba bacwaningi bathe bayakujabu­lela ukuhlonish­wa kwabo.

Bathe le ndondo bayamukela egameni labo bonke abantu bakuleli ngeqhaza abalibambi­le bezibandak­anya ocwaningwe­ni nakuyo yonke imizamo eyenziwayo ukulwa nokusabala­la kwegci wane lengculazi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IZITHANDAN­I eziwongoti besayensi oSolwazi Salim noQuarrais­ha Abdool Karim, bahlonishw­e ngomsebenz­i wabo
Isithombe: SITHUNYELW­E IZITHANDAN­I eziwongoti besayensi oSolwazi Salim noQuarrais­ha Abdool Karim, bahlonishw­e ngomsebenz­i wabo
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa