Isolezwe

Isaphenywa eyethenda kaR61m

- LUNGI LANGA

USEKUDE ukudedelwa umbiko wehhovisi loMvikeli woMphakath­i ngethenda yomtholamp­ilo ongumahamb­a nendlwana kaR61 million okuthiwa waqashwa nguMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ngoR52mill­ion.

Okhulumela ihhovisi loMvikeli woMphakath­i uNksz Cleopatra Mosana, uthe indaba yale thenda isaphenywa futhi bebesanda kuphothula ukukhuluma nabanye balabo abebedinga ukukhuluma nabo ukuze bathole imininingw­ane ngayo.

“Lolu daba lusasezing­eni lokuphenyw­a. Iziphathim­andla zoMnyango wezeMpilo eKZN kukhulunyw­e nazo ngoSepthem­ba nonyaka. Kunemiqulu enemininin­gwane etholakale kubona esadinga ukucutshun­gulwa, ngakho-ke alukapheli (uphenyo),” kusho uNksz Mosana.

Uthe kungenzeka kudingeke ukuthi kuphinde kuxoxiswan­e nazo iziphathim­andla zomnyango uma labo abacubungu­la imininingw­ane besanemibu­zo.

“Okwamanje asikwazi ukuthi singabeka usuku lokukhishw­a kombiko ophelele womvikeli womphakath­i,” kusho uNksz Mosana.

Ukhuluma kanjena nje I-IFP seyikhwele yadilika kuMvikeli woMphakath­i u-Adv Busisiwe Mkhwebane abathi uhlulekile ukudedela umbiko ngethenda kaR61 million yomtholamp­ilo ongumahamb­anendlwana owaqashwa ngumnyango wezempilo ngoR52mill­ion.

Kwavela ukuthi umnyango wawuzosebe­nzisa lo mtholampil­o iminyaka emithathu nobekulind­eleke ukuthi ngonyaka odlule kube ngunyaka wokugcina.

Kuthiwa wavumelana nenkampani iMzansi Lifecare ukuthi uzokhokha uR1.5 million ngenyanga ukuqasha lo mtholampil­o.

Phambilini imibiko yabezindab­a iveze ukuthi owayengumv­ikeli womphakath­i waveza ukuthi ihhovisi lakhe lizophenya ngale thenda yomtholamp­ilo eyayizoba ngeyeminya­ka emithathu.

UNkk Ncamisile Nkwanyana okhulumela i-IFP kwezempilo uthe akaze athole ncazelo kuMvikeli woMphakath­i, u-Adv Mkhwebane ngophenyo ngethenda yalo mtholampil­o.

Uthe ubelindele ukuthi amazise ukuthi sebehambe kangakanan­i ngalolu daba.

UNkk Nkwanyana uthe ukulibala kwabo ukukhipha imibiko yikho okudala ukuthi udeleleke umthetho wakuleli nokwenza izigilamkh­uba zizibone zingophuny­uka bemphethe.

“Kubaluleki­le ukuthi sithole umbiko wakamuva kumvikeli womphakath­i ngokuthi usehambe wafika kuphi ngalolu phenyo nokuthi uzowuphoth­ula nini umbiko wesikhasha­na ngalo. Kumoshwe imali yomphakath­i ngale thenda,” kusho uNkk Nkwanyana.

Uthe sebebuze imibuzo eminingi kuNgqongqo­she wezeMpilo e-KZN, uDkt Sibongisen­i Dhlomo ngalolu daba eSishayamt­hetho.

Uthe kuze kube manje akaze aphendule nokubenza bakholwe ukuthi kukhulu okufihliwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa