Isaphenywa eyethenda kaR61m
USEKUDE ukudedelwa umbiko wehhovisi loMvikeli woMphakathi ngethenda yomtholampilo ongumahamba nendlwana kaR61 million okuthiwa waqashwa nguMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ngoR52million.
Okhulumela ihhovisi loMvikeli woMphakathi uNksz Cleopatra Mosana, uthe indaba yale thenda isaphenywa futhi bebesanda kuphothula ukukhuluma nabanye balabo abebedinga ukukhuluma nabo ukuze bathole imininingwane ngayo.
“Lolu daba lusasezingeni lokuphenywa. Iziphathimandla zoMnyango wezeMpilo eKZN kukhulunywe nazo ngoSepthemba nonyaka. Kunemiqulu enemininingwane etholakale kubona esadinga ukucutshungulwa, ngakho-ke alukapheli (uphenyo),” kusho uNksz Mosana.
Uthe kungenzeka kudingeke ukuthi kuphinde kuxoxiswane nazo iziphathimandla zomnyango uma labo abacubungula imininingwane besanemibuzo.
“Okwamanje asikwazi ukuthi singabeka usuku lokukhishwa kombiko ophelele womvikeli womphakathi,” kusho uNksz Mosana.
Ukhuluma kanjena nje I-IFP seyikhwele yadilika kuMvikeli woMphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane abathi uhlulekile ukudedela umbiko ngethenda kaR61 million yomtholampilo ongumahambanendlwana owaqashwa ngumnyango wezempilo ngoR52million.
Kwavela ukuthi umnyango wawuzosebenzisa lo mtholampilo iminyaka emithathu nobekulindeleke ukuthi ngonyaka odlule kube ngunyaka wokugcina.
Kuthiwa wavumelana nenkampani iMzansi Lifecare ukuthi uzokhokha uR1.5 million ngenyanga ukuqasha lo mtholampilo.
Phambilini imibiko yabezindaba iveze ukuthi owayengumvikeli womphakathi waveza ukuthi ihhovisi lakhe lizophenya ngale thenda yomtholampilo eyayizoba ngeyeminyaka emithathu.
UNkk Ncamisile Nkwanyana okhulumela i-IFP kwezempilo uthe akaze athole ncazelo kuMvikeli woMphakathi, u-Adv Mkhwebane ngophenyo ngethenda yalo mtholampilo.
Uthe ubelindele ukuthi amazise ukuthi sebehambe kangakanani ngalolu daba.
UNkk Nkwanyana uthe ukulibala kwabo ukukhipha imibiko yikho okudala ukuthi udeleleke umthetho wakuleli nokwenza izigilamkhuba zizibone zingophunyuka bemphethe.
“Kubalulekile ukuthi sithole umbiko wakamuva kumvikeli womphakathi ngokuthi usehambe wafika kuphi ngalolu phenyo nokuthi uzowuphothula nini umbiko wesikhashana ngalo. Kumoshwe imali yomphakathi ngale thenda,” kusho uNkk Nkwanyana.
Uthe sebebuze imibuzo eminingi kuNgqongqoshe wezeMpilo e-KZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo ngalolu daba eSishayamthetho.
Uthe kuze kube manje akaze aphendule nokubenza bakholwe ukuthi kukhulu okufihliwe.