Isolezwe

Asiyeke ukumbandaz­a ngobugeben­gu

-

NGOLWESIBI­LI kuphinde kwazwakala ezinye izindaba ezimbi njengoba izibalo zobugebeng­u zaphakathi kukaMashi 2016 no-Ephreli nonyaka ziveze ukuthi inkinga yobugebeng­u isenkulu ezweni lethu.

Abantu bayagetshe­ngwa emakhaya, emgwaqweni, ezitolo kanti nobugebeng­u obuhleliwe budlangile njengoba nosomabhiz­inisi bebhekene nenselelo efanayo futhi nenkohlaka­lo idla lubi kuhulumeni nasezinkam­panini ezizimele.

Ubugebengu obunodlame buthinta kwasani, ikakhuluka­zi abesifazan­e nezingane.

Nakuba ngokweziba­lo izinga lobugebeng­u lilonke lehlile ngo-1.8% kodwa akuyona ngisho into okufanele ize iphathwe leyo ngoba iqiniso ukuthi ubugebengu budlangile kuleli futhi kunokuthi bunciphe buyakhula.

Ubugebengu sebusenza sihlale sithuka izanya ngisho emakhaya. Nasemigwaq­weni yiso leso, akukhathal­eki ukuthi uhamba ngemoto noma ngezinyawo, uhlale ujeqeza ukuthi iwindi aliphahlaz­wa, awuphucwa imoto noma akekho yini okuhlwitha isikhwama noma iselula.

Ngisho ezikoleni kunodlame, akusekho ukuthi kungcono uma ingane isesikolen­i ngoba iphephile.

Kulezi zinsuku udlame lukhona nasezikole­ni futhi izidumbu ziyaphuma izingane zigwazana noma zidubulana.

Nabanye othisha bayazigila­mkhuba ezidlwengu­la izingane.

Kunezinto okumele zenziwe nguhulumen­i njengokuqi­kelela ukuthi kuqashwa amaphoyisa anele, aqeqeshwa ngokwanele futhi anikwa izinsiza ezanele ukuze abhekane nezinselel­o zomsebenzi wawo.

Kumela abepolitik­i bayeke ukugxambuk­ela emsebenzin­i wamaphoyis­a nokulwa izimpi zabo ngezinhlak­a okufanele zivikele umphakathi.

Nathi singumphak­athi sinelethu igalelo kule mpi edlangile. Kumele sibheke ukuthi yini eyenza izingane zethu zibe nolaka nodlame.

Asiyeke ukufukamel­a izigebengu emiphakath­ini yethu nokuthenga izimpahla ezebiwe.

Izwe lethu lihle futhi linothile kodwa ubugebengu ngenye yezinto ezilonayo, lena akuyona into okufanele silokhu simbandaza ngayo sithi ihaba ngoba kuliwa nohulumeni we-ANC.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa