Bamtshela ekhaleni umkami ukuthi ingane akusiyo eyami
EZOTHANDO
UMBUZO: Sisanda kuthola ingane yethu yokuqala nonkosikazi wami. Inkinga nje ukuthi ayifani nhlobo nami noma abasekhaya kithi. Ekhaya bayaphika ukuthi eyami. Loku akungiphathi kahle futhi unkosikazi uyahlukumezeka yile nto ngoba baze basho ngisho phambi kwakhe.
Kona kuyiqiniso ukuthi ingane ayifani neze nami kodwa ngesaba nokuphatha le ndaba kuyena ngoba ngibona ukuthi kuzomlimaza kakhulu unkosikazi wami. Ngicela usizo. Igama ligodliwe, eThekwini Impendulo: Kuyenzeka ezikhathini eziningi abantwana ikakhulukazi uma besebancane, bangafani namuntu ekhaya. Lokhu akusho ukuthi akuzona ezalapha ekhaya. Akuyona into entsha leyo. Hlala phansi nonkosikazi wakho, okokuqala uxolisele umndeni wakho ngalesi senzo sabo.
Okwesibili umcele ukuthi njengendlela yokuvala umndeni wakho umlomo ubona kungcono nina nobabili niyohlola ulibofuzo lomntwana.
Ngaleyo ndlela nawe uzoqinisekisa ukuthi umntwana owakho ngempela. Akukuhle ukuhlala emshadweni lapho ningathembani khona. Umbuzo: Sesithandane izinyanga ezintathu nesoka lami. Ngiyazizwela ukuthi lingithanda ngempela. Selikhuluma eyokuthumela abakubo ukuqala izingxoxo zamalobolo. Kodwa lifuna siqale sihlale ndawonye ngaphambi kokuthi sishade. Kufanele sibe ngakanani isikhathi ngaphambi kokuthi abathandanayo bahlale ndawonye?
Nomusa, eDundee Impendulo:
Kuhle ukuthi umuntu wakho useqalile ukukhuluma ezamalobolo. Kodwa uma kungenzeka, kugwemeni ukuhlala ndawonye ngaphambi kokuthi nishade. Cabanga ngabazali bakho nabakini nje. Bathini nje ngalolu daba? Okunye futhi ukuthi awukabikho umthetho kuleli ovikela abantu abakipitile uma kwenzeka ubudlelwane benu buphela. Akufani nasemshadweni. Kufanele ugade isithunzi sakho njengomuntu wesifazane, ungadidwa ukuthi usefuna ukushada. Uthando oluqotho alutatazeli, luyalinda. Abaningi bagcina sebengasashadanga ngoba beqale ngokugcinwa ngakho. Umbuzo: Umyeni wami wahlukumezeka ngokocansi eseyingane. Kanti nobudlelwane abenabo nabesifazane obudlulile, abukaze buphele kahle. Owokugcina abethandana naye usisi wakhombisa ukungathembeki kuye. Manje mina ngizizwa ngithwele amacala akho konke okubi okwenzeke empilweni yakhe. Akangethembi, uyashesha ukuzwela, uyashintshashintsha ngokushesha ngoba kubamnandi namhlanje kodwa kusasa useyenye into. Cha! Senganele impela mina manje. Uthi akanankinga, ngakho akadinge sizo lwamuntu. Angisazi ngenzenjani. Kodwa sekusele kancane ngiqoqe konke okwami ngihambe. Igama ligodliwe,
Empangeni Impendulo: Kujwayelekile ukuthi abesilisa bangafuni ukubhekana nesimo, ikakhulukazi ama kuhlanganisa ukuhlukunyezwa ngokocansi ikakhulukazi ngoba usuke ezitshela ukuthi kuyihlazo, akhohlwe ukuthi wayesemncane futhi engakwazi ukuzivikela. Mgqugquzele umyeni wakho ukuthi abonane nodokotela bengqondo ukuze bamusize.
Kumele azizwele ukuthi uma ukhuluma naye ngalolu daba, ukhuluma njengesithandwa sakhe esingaphathekile kahle neze.
Kufanele azi ukuthi lolu daba luyakuhlukumeza, ngakho kufanele athole usizo kongoti abalapha ingqondo. Kubalulekile lokhu kuwena, ubudlelwane benu, abantwana nempilo yakhe uqobo. Umbuzo: Ngicela ningisize. Ngisanda kushada nomyeni ongumzalwane. Angakwazi ngami ukuthi bengingaziphethe kahle ngaphambi kokuhlangana naye. Ngenxa yokuhlupheka kwasekhaya ngaze ngadayisa ngisho nangomzimba iminyaka ukuze ngiqede isikole. Ngisho nasekhaya abayazi lempilo ebengiyiphila phambilini. Manje angazi noma ngimutshele noma cha ngale mpilo yakudala.
Kuzokwenzakalani uma yena ezitholela? Unembeza uyangibulala ngoba ngiyamthanda ngempela kodwa nginovalo lokuhlala nendaba engaka. Igama ligodliwe,
eNewcastle Impendulo:
Sikholwa wukuthi iqiniso liyakhulula noma libuhlungu kangakanani. Kuhle ukuthi uyabona ukuthi kubalulekile ukuthi umshado wakho uwakhe esisekelweni okuyiso, okuyiqiniso.
Okuzoba buhlungu wukuthi umyeni wakho azitholele yena ukuthi umfihlele ingxenye yempilo yakho engaka.
Angangathokoza umyeni wakho ekuqaleni kodwa kungcono kakhulu kunokuthi ezwe ngabantu wena njengonkosikazi wakhe ungasibonanga isidingo sokumtshela. Njengomyeni wakho nomzalwane, uzokuxolela. Kodwa wena uzobe ulibeke njengoba linjalo iqiniso.
Thumela imibuzo ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphindi. com