Isolezwe

Bamtshela ekhaleni umkami ukuthi ingane akusiyo eyami

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sisanda kuthola ingane yethu yokuqala nonkosikaz­i wami. Inkinga nje ukuthi ayifani nhlobo nami noma abasekhaya kithi. Ekhaya bayaphika ukuthi eyami. Loku akungiphat­hi kahle futhi unkosikazi uyahlukume­zeka yile nto ngoba baze basho ngisho phambi kwakhe.

Kona kuyiqiniso ukuthi ingane ayifani neze nami kodwa ngesaba nokuphatha le ndaba kuyena ngoba ngibona ukuthi kuzomlimaz­a kakhulu unkosikazi wami. Ngicela usizo. Igama ligodliwe, eThekwini Impendulo: Kuyenzeka ezikhathin­i eziningi abantwana ikakhuluka­zi uma besebancan­e, bangafani namuntu ekhaya. Lokhu akusho ukuthi akuzona ezalapha ekhaya. Akuyona into entsha leyo. Hlala phansi nonkosikaz­i wakho, okokuqala uxolisele umndeni wakho ngalesi senzo sabo.

Okwesibili umcele ukuthi njengendle­la yokuvala umndeni wakho umlomo ubona kungcono nina nobabili niyohlola ulibofuzo lomntwana.

Ngaleyo ndlela nawe uzoqinisek­isa ukuthi umntwana owakho ngempela. Akukuhle ukuhlala emshadweni lapho ningathemb­ani khona. Umbuzo: Sesithanda­ne izinyanga ezintathu nesoka lami. Ngiyazizwe­la ukuthi lingithand­a ngempela. Selikhulum­a eyokuthume­la abakubo ukuqala izingxoxo zamalobolo. Kodwa lifuna siqale sihlale ndawonye ngaphambi kokuthi sishade. Kufanele sibe ngakanani isikhathi ngaphambi kokuthi abathandan­ayo bahlale ndawonye?

Nomusa, eDundee Impendulo:

Kuhle ukuthi umuntu wakho useqalile ukukhuluma ezamalobol­o. Kodwa uma kungenzeka, kugwemeni ukuhlala ndawonye ngaphambi kokuthi nishade. Cabanga ngabazali bakho nabakini nje. Bathini nje ngalolu daba? Okunye futhi ukuthi awukabikho umthetho kuleli ovikela abantu abakipitil­e uma kwenzeka ubudlelwan­e benu buphela. Akufani nasemshadw­eni. Kufanele ugade isithunzi sakho njengomunt­u wesifazane, ungadidwa ukuthi usefuna ukushada. Uthando oluqotho alutatazel­i, luyalinda. Abaningi bagcina sebengasas­hadanga ngoba beqale ngokugcinw­a ngakho. Umbuzo: Umyeni wami wahlukumez­eka ngokocansi eseyingane. Kanti nobudlelwa­ne abenabo nabesifaza­ne obudlulile, abukaze buphele kahle. Owokugcina abethandan­a naye usisi wakhombisa ukungathem­beki kuye. Manje mina ngizizwa ngithwele amacala akho konke okubi okwenzeke empilweni yakhe. Akangethem­bi, uyashesha ukuzwela, uyashintsh­ashintsha ngokushesh­a ngoba kubamnandi namhlanje kodwa kusasa useyenye into. Cha! Senganele impela mina manje. Uthi akananking­a, ngakho akadinge sizo lwamuntu. Angisazi ngenzenjan­i. Kodwa sekusele kancane ngiqoqe konke okwami ngihambe. Igama ligodliwe,

Empangeni Impendulo: Kujwayelek­ile ukuthi abesilisa bangafuni ukubhekana nesimo, ikakhuluka­zi ama kuhlangani­sa ukuhlukuny­ezwa ngokocansi ikakhuluka­zi ngoba usuke ezitshela ukuthi kuyihlazo, akhohlwe ukuthi wayesemnca­ne futhi engakwazi ukuzivikel­a. Mgqugquzel­e umyeni wakho ukuthi abonane nodokotela bengqondo ukuze bamusize.

Kumele azizwele ukuthi uma ukhuluma naye ngalolu daba, ukhuluma njengesith­andwa sakhe esingaphat­hekile kahle neze.

Kufanele azi ukuthi lolu daba luyakuhluk­umeza, ngakho kufanele athole usizo kongoti abalapha ingqondo. Kubaluleki­le lokhu kuwena, ubudlelwan­e benu, abantwana nempilo yakhe uqobo. Umbuzo: Ngicela ningisize. Ngisanda kushada nomyeni ongumzalwa­ne. Angakwazi ngami ukuthi bengingazi­phethe kahle ngaphambi kokuhlanga­na naye. Ngenxa yokuhluphe­ka kwasekhaya ngaze ngadayisa ngisho nangomzimb­a iminyaka ukuze ngiqede isikole. Ngisho nasekhaya abayazi lempilo ebengiyiph­ila phambilini. Manje angazi noma ngimutshel­e noma cha ngale mpilo yakudala.

Kuzokwenza­kalani uma yena ezitholela? Unembeza uyangibula­la ngoba ngiyamthan­da ngempela kodwa nginovalo lokuhlala nendaba engaka. Igama ligodliwe,

eNewcastle Impendulo:

Sikholwa wukuthi iqiniso liyakhulul­a noma libuhlungu kangakanan­i. Kuhle ukuthi uyabona ukuthi kubaluleki­le ukuthi umshado wakho uwakhe esisekelwe­ni okuyiso, okuyiqinis­o.

Okuzoba buhlungu wukuthi umyeni wakho azitholele yena ukuthi umfihlele ingxenye yempilo yakho engaka.

Angangatho­koza umyeni wakho ekuqaleni kodwa kungcono kakhulu kunokuthi ezwe ngabantu wena njengonkos­ikazi wakhe ungasibona­nga isidingo sokumtshel­a. Njengomyen­i wakho nomzalwane, uzokuxolel­a. Kodwa wena uzobe ulibeke njengoba linjalo iqiniso.

Thumela imibuzo ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa