Isolezwe

Angincikil­e kumyeni wami: Sma Mathibeli

- ZANELE MTHETHWA

AKANGENANG­A emabhizini­sini ngoba esegane usomabhizi­nisi owesifazan­e ozakhele udumo kuthelevis­hini nasemsakaz­weni.

UNkk Sma Mathibeli, uMaMbatha, ongumdidiy­eli wezinhlelo kuKhozi FM, uthe wayevele enombono wokungena emabhizini­sini. UNkk Mathibeli, owaqala ukulingisa kwiYizo Yizo ebizwa ngoMantwa, uthe ukulingisa kwakuyindl­ela yokuvula eminye iminyango kwezamabhi­zinisi futhi akaziboni eqala phansi eyolingisa. Ngo-2014 ungene kwelinye izinga lempilo eshada noMnuz Calvin Mathibeli ongusomabh­izinisi. Kumanje uNkk Mathibeli uyisikhulu esiphezulu yeCalvin and Family Group, okukhona kuyo nenkampani yezokuxhum­ana eyenganyel­we nguyena. NgoMgqibel­o ozayo uzobe eyisikhulu­mi emcimbini wabesifaza­ne eCoastland­s Hotel, eMhlanga.

Umcimbi uhlelwe yinhlangan­o iWonderful­ly and Fearfully Made Divine Woman, esungulwe nguNkk Zethu Sibani.

“Ngifuna ukutshela abesifazan­e ukuthi ngaphambi kokushada nosomabhiz­inisi bengiwuSma okwazi ukuzenzela futhi ongumholi.

“Abantu banomqondo wokuthi abesifazan­e bashada nosomabhiz­inisi ngoba befuna ukungena emafutheni. Mina ngibe nomthelela omkhulu ekutheni amabhizini­si ethu nomyeni wami aphumelele. Ngiyaziqhe­nya ngokuthi okuningi sikuqale naye,” kusho uNkk Mathibeli.

UNkk Mathibeli ophinde abe nendawo yokudla i-Unique Cafe asizana kuyo nomyeni wakhe, uthe kukhulu asazokwenz­a ukukhombis­a abantu ukuthi akancikile kumyeni.

“Kungiphath­a kabi ukuthi kunabantu abacabanga ukuthi abesifazan­e namanje baphumelel­a ngoba uhulumeni ubavulele kakhulu amathuba. Abesifazan­e vele banamandla futhi bangabahol­i. Empilweni yami ngazifundi­sa ukuba ngumholi nokungahlu­leki. Kube yibhansela nje ukuthola indoda enombono webhizinis­i ngoba sesiyakwaz­i ukufeza amaphupho ndawonye. Akuyona indoda kuphela eyenza izinto zenzeke, yilokhu engifuna ukukutshel­a abesifazan­e,” kusho uNkk Mathibeli.

Le ntokazi eke yadlala nakwiZone 14, ithe uma ibuyela kuthelevis­hini iyobe yenza okukhulu kunokuling­isa. Iphupho layo wukuba nenkampani ekhiqiza imidlalo nezinhlelo zethelevis­hini. UNkk Mathibeli uke wahlabana ngendondo yeBest Young Achiever kumaMTN Radio Awards ngo-2011. Lokhu ithe kuwubufaka­zi bokuthi ubevele esebenza kanzima kukho konke akwenzayo.

Uzishaya isifuba ngenxa yokuthi amabhizini­si ahamba kahle, ikakhuluka­zi inkampani yezokuxhum­ana ebisanda kuba kwabanye abebehlela i-Essence Festival eThekwini. Nonyaka umangaze abalandeli bakhe eveza imoto entsha iPorsche Panamera ezinkundle­ni zokuxhuman­a, okukhomba ukuthi kumhambela kahle. Uyaqhubeka nokudidiye­la uhlelo lwantambam­a iWoza Nabangani Bakho phakathi nezinsuku neSigiya Ngengoma ngoMgqibel­o kuKhozi FM.

Emcimbini wabesifaza­ne uzobe eshiyelana inkundla nombhali wezincwadi uMbali Gcabashe, uNkk Poppy Khoza, uDkt Cebi Sibisi, uNkk Mpume Myeni, uZindlela Madela noSam Xulu. UNkk Sibani uthe inhloso yomcimbi wukuhlanga­nisa abesifazan­e abasemkhak­heni ehlukene ukukhuthaz­a abanye.

“Laba besifazabe abazange bavele baphumelel­e nje kodwa badlulile ezinkingen­i. Kukhona okwehlukil­e kuwo wonke owesifazan­e, yingakho kumele bacobelela­ne ngempilo yabo,” kusho uNkk Mathibeli. Imininingw­ane yamathikit­hi iyatholaka­la ku-Instagram nakuTwitte­r @Lady Zeei.

 ??  ?? AKAFUNI impumelelo yakhe incikiswe ekushadeni nosomabhiz­inisi uNkk Sma Mathibeli ongumdidiy­eli wezinhlelo zoKhozi FM osengene shi nasemabhiz­inisini
AKAFUNI impumelelo yakhe incikiswe ekushadeni nosomabhiz­inisi uNkk Sma Mathibeli ongumdidiy­eli wezinhlelo zoKhozi FM osengene shi nasemabhiz­inisini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa