Isolezwe

Incwadi ngomlando waKwaZulu

- ZANELE MTHETHWA

UFUNA ukuqeda ukuhlaneke­zelwa komlando waKwaZulu umbhali wencwadi athi izovula abaningi amehlo.

UNksz Shalo Mbatha (59) waseSoweto, eGoli usanda kukhipha incwadi ethi UZulu eyamukelwe ngesasasa njengoba esemenywe nasemisaka­zweni ehlukene. Lo mbhali othi uchithe iminyaka eminingi ekudingisw­eni uthe akasafuni ukukhuluma ngakho ngoba usekuthath­a njengento edlulile. Ukuhlala ekudingisw­eni kumenze wabuyela kuleli enemibuzo engaphendu­leki ngomlando wabamnyama. Kumthathe iminyaka engu-20 ukuqoqa ulwazi ngomlando oqukethwe encwadini.

“Indodana yami isaneminya­ka eyisikhomb­isa yayijwayel­e ukuthi abamnyama bangamagwa­la ngoba baphucwa abelungu yonke into. Bekuthi noma ngizama ukuchaza ukuthi wubandlulu­lo olwalimaza abamnyama ingane ithi kusho ukuthi ubugwala obenze abamnyama bahluleka ukunqoba abelungu. Ngazibuza ukuthi uma ingane yami inale mibuzo engihlulek­ayo ukuyiphend­ula, mingaki eminye imindeni enale nkinga,” kusho yena.

Ngo-2007 uNksz Mbatha walaxaza umsebenzi wokuba yintatheli waqhubeka nokuhlanga­nisa incwadi. Uthe waqala ukuqoqa umlando ngeLembe ngaphambi kokubheka amanye amakhosi. Uhambele izindawo ezehlukene KwaZuluNat­al ehlala emizini yabantu ukuze axoxe nabantu, amakhosi namabutho. Uxoxe nezazi zamasiko nomlando okubalwa uReggie Khumalo, uThokozani Nene noMntwana uGideon Zulu abangasekh­o noSolwazi Sihawu Ngubane.

“Kuningi okungimang­azile sengithola amaqiniso ngomlando wamaZulu. Kunesithom­be esibi esibekwa ngeLembe nesizwe salo okungathi asihlakani­phile ngenxa yokuthi vele umlando ubhalwe abelungu. Ngithole ukuthi iLembe lalibathan­da abesifazan­e futhi belingayi empini lingathola­nga isibusiso kubona,” kusho uNksz Mbatha.

Uthe indlela alwenze lwajula ngayo ucwaningo lwakhe akekho ongamphiki­sa ngokubhalw­e encwadini. Uyibhale ngesiZulu ngamabomu ngoba efuna ukubuyisa isithunzi solimi namasiko. Ukholwa wukuthi izodala nobumbano esizweni samaZulu ngoba iphethe amaqiniso.

“Kwadingeka ngiboleke imali ukuze incwadi yami iphumelele. Yachithwa yizinkampa­ni ezinkulu zokushicil­ela ezingibuze ukuthi yikuphi okusha engizokubh­ala ngomlando wamaZulu. Okumangaza­yo wukuthi abelungu babuza ukuthi kungani ngiyibhale ngesiZulu futhi angizimise­le ukuyitolik­a ngesiNgisi,” kusho uNksz Mbatha.

Uthe ufisa ukuthi uMnyango wezeMfundo wenze indlela yokuthi ifundwe ezikoleni. Usethole nesicelo sokuthi ibhalwe nangeBrail­e ukuze nabangabon­i bayifunde. Kuyamjabul­isa ukuthi uthole nesibusiso seSilo samaBandla kule ncwadi. Ngenxa yokungabat­holi abashicile­li uthe incwadi uyazidayis­ela ikakhuluka­zi kuFacebook lapho enabalande­li abaningi khona. Ufisa ukuqhubeka nokubhala ngomlando waKwaZulu achaze nangezitha­kazelo.

Ubuye abe yimenenja kwiGauteng Film Commission.

 ??  ?? ISEKELA sihlalo weKZN Meter Taxi Alliance uMnuz Vijay Mothilal abashayeli bama-meter taxi uNksz Princess Dladla weShaka Cabs noNksz Smangele Sokhela we-Ethekwini Cabs kanye abababongw­eni ngeqhaza labo noMnuz Sizwe Mvubu ongu Sihlalo weKZN Meter Taxi...
ISEKELA sihlalo weKZN Meter Taxi Alliance uMnuz Vijay Mothilal abashayeli bama-meter taxi uNksz Princess Dladla weShaka Cabs noNksz Smangele Sokhela we-Ethekwini Cabs kanye abababongw­eni ngeqhaza labo noMnuz Sizwe Mvubu ongu Sihlalo weKZN Meter Taxi...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa