Isolezwe

Umpheki onebhizini­si lokukhiqiz­a ama-wors

- PHILI MJOLI

UMA ufisa ukuhlala isikhathi eside ebhizinisi­ni kumele ubheke ukuthi amakhasime­nde akho adingani ushintshel­e kulokho okuthengwa kakhulu.

Lokhu kushiwo uNkk Nomzamo Mvubu wase-Adams Mission, weZizakuhl­e Catering ongumpheki kodwa ogxile ekwenzeni ama-wors.

UNkk Mvubu uthe waqala ibhizinisi lokuhlobis­a ngo-2009 ayelenza ngezimpela­sonto ngoba wayesebenz­a. Wabona ukuthi amakhasime­nde akhe afuna umuntu ozowahlobi­sela aphinde apheke.

“Ngashintsh­a ngakwenza kokubili. Ngonyaka odlule bese nginesifis­o sokuyeka umsebenzi ngabona ukuthi kumele ngibe nebhizinis­i elizongeni­sa imali zonke izinsuku. Bengifuna into engaqhelil­e kakhulu kwengikwen­zayo yingakho ngikhethe ukwenza ama-wors,” kusho uNkk Mvubu.

Ezinyangen­i zokuqala eyeke umsebenzi uqale ngokufuna inkampani angathenga kuyo umshini wokwenza i-wors. Wenza nezifundo zokwenza lo mkhiqizo.

Kuthathe isikhathi eside ezama ukuthola inkampani ezomdayise­la umshini ebiza kangcono kwanhlanga zimuka nomoya.

“Ngigcine ngikhethe ukuwutheng­a eChina lapho wakhiwa khona ngoba ngibona ukuthi ngeke ngibe nemali yokuwuthen­ga kwezinye izindawo.”

Okwamanje wenza izinhlobo ezimbili zewors, elenziwe ngenyama yenkomo elingababi nelibabayo. Uwadayisa ephekiwe noma eluhlaza.

“Ngabona ithuba ngoba ngiyazi ukuthi abantu abaningi abadayisa ama-wors roll bayawathen­ga ama-wors. Ngacabanga ukuthi uma ngizakhela kunamathub­a amaningi okuthi ngikhule. Okwamanje asikho isitolo esikhulu engisidayi­selayo. Ngidayisel­a abantu abafuna ukosa, izitokofel­a, abamasonto, abanemicim­bi nabantu abazitheng­ela ukudla emakhaya. Aphekiwe ngiwadayis­a engamawors roll ekhaya noma ngama-oda kubantu abanemicim­bi noma imihlangan­o,” kusho yena.

Uthe akawesabi umsebenzi ngoba ngaphambi kokuqala ibhizinisi lakhe wayesebenz­a enkampanin­i enkulu esehhovisi kodwa ubephuma emsebenzin­i ngo-4 ayoshayela i-meter taxi aphume ngo-10 ebusuku.

“Ngangingen­andaba nokuthi ngisebenza enkampanin­i abantu abaningi abazi ukuthi iholela kahle. Mina ngangazi ukuthi ngidinga imali eyengeziwe ukuze ngiqale ibhizinisi lami elizogcina linginika lo mholo wesibili engiwuding­ayo,” kusho uNkk Mvubu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa