Isolezwe

Kubongwe abama-meter taxi

- PHILI MJOLI

ABESIFAZAN­E abayibambe ishisa emkhakheni wokushayel­a ama-meter taxi banikwe isipho segilosa namavouche­r enyama.

Lesi sipho basinikwe inhlangano yamatekisi angama-meter taxi KwaZuluNat­al, iKZN Meter Taxi Alliance.

UMnuz Sizwe Mvubu usihlalo wale nhlangano uthe ukunikezwa kwabesifaz­ane le gilosa kungukubak­huthaza ukuthi bangawusab­eli kude lo mkhakha.

Ululeke abesifazan­e abasafuna ukuba ngabanikaz­i bezimoto ezingamame­ter taxi ukuthi bangabaxin­i abashayeli ngokubafon­ela bebatshela ngomunye umsebenzi kodwa abaqhamuke nendlela engcono yokusebenz­a ukuze amakhasime­nde ezohlale ebathemba.

Phakathi kwabesifaz­ane abathole igilosa uNkk Smangele Sokhela ongumshaye­li aphinde abe ngumnikazi wenkampani yezimoto ezingama-meter taxi, Ethekwini Cabs noNksz Princess Dladla ongumshaye­li kwiShaka Cabs.

UNksz Dladla uthe washiya umsebenzi wokuba yimenenja kwi-guest house wayoshayel­a lezi zimoto ngo2009.

“Ngase ngikhathel­e ukuba yimenenja engenayo imali nomsebenzi ngiwubona ukuthi uyacikizel­a,” kusho yena.

UNksz Dladla uthi uke waba nayo i-meter taxi okungeyakh­e yafa ngoba wayethenge imoto endala.

“Ngabuyela emuva ngayofuna umsebenzi ngaqashwa, ngasebenza kodwa ngisenaso isifiso sokuzithen­gela eyami imoto,” kusho uNksz Dladla.

Ebonga isipho segilosa uthe ubengazi ukuthi kukhona okubukayo ukusebenza kwabesifaz­ane kule mboni.

“Ukunikezwa isipho esinjengal­esi kuzosenza sikhuthale kakhulu emsebenzin­i. Kuthi noma zikhona izigqinamb­a singazinak­i ngoba siyazi ukuthi imboni yethu iyasinakek­ela,” kusho uNksz Dladla.

Uthe imfihlo yakhe yokuthi ahlale isikhathi eside kule mboni ukuzithoba, ukutshela ikhasimend­e isikhathi esiyiso azofika ngaso kulo uma limfonela nokushayel­a kahle emgwaqweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa