Isolezwe

Akugculisi ukuhwebela­na

- ZANELE MTHETHWA NOBONISWA MOHALE

UMENGAMELI weDurban Chamber of Commerce and Industry (DCCI) uMnuz Musa Makhunga, uthe akukakagcu­lisi ukudayiswa kwemikhiqi­zo yamabhizin­is akuleli emazweni ase-Afrika. Ukusho lokhu emcmbini wokuklonye­liswa kwabawine kumaKZN Exporter Awards eNkosi Albert Luthuli ICC eThekwini ngoLwesine. Uthe iKwaZulu-Natal isemathube­ni amahle okudayisa kwamanye amazwe ngenxa yokuba namachweba amatasa kodwa kumele kuthuthuki­swe ingqalasiz­inda.

Ngesikhath­i kwethulwa abaqokwe kulo mncintiswa­no muva nje, uMakhunga ugqugquzel­e osomabhizi­nisi ukuthi badayise imikhiqizo yabo kwamanye amazwe.

Uthe namabhizin­isi amakhulu kufanele avulele amancane amathuba ukuze akwazi ukudayisa nakwamanye amazwe.

“Ngaxoxa nosomabhiz­inisi odayisa amalahle kwamanye amazwe, oveze ukuthi usebenzisa ichweba laseMozamb­ique ukuhambisa amalahle akhe. Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi sidinga ukuvulela osomabhizi­nisi echwebeni lethu.

Kufanele ichweba laseThekwi­ni kube yilona osomabhizi­nisi abaqala kulo uma befuna ukuthumela imikhiqizo yabo kwamanye amazwe,” kusho uMakhunga.

UNksz Nozipho Sithole oyisikhulu seTransnet Port Terminals ekhuluma kumaExport­er Awards, uthe kubaluleki­le ukuthuthuk­isa amakhono kosomabhiz­inisi ukuze badayise imikhiziqo kwamanye amazwe. Ukhuthaze nokuthi kuvezwe izindlela ezintsha ezizoheha abathengi kwamanye amazwe.

“Uma kungekho esikwenzay­o ngechweba laseRichar­ds Bay lizovalwa eminyakeni ezayo. Maduze akekho ozobe esenendaba namalahle, okuyiwona akuleli chweba,” kusho uNksz Sithole.

Ugcizelele nokuthi kugxilwe nasekusebe­nziseni ubuchwephe­she ukudayisa amabhizini­si akuleli kwamanye amazwe. Uthe kumphatha kabi ukuthi iNingizimu Afrika ayiselona izwe elihamba phambili e-Afrika njengoba selidlulwa yiNigeria ne-Egypt.

Kulo mcimbi kugqame ukuthi abamnyama basagqoza emabhizini­sini adayisela amanye amazwe imikhiqizo yawo njengoba kwabawinil­e bekukhonya ezinye izinhlanga.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? ABEBETHAME­LE amaKZN Exporter Awards nguNksz Shubnum Moosa we-Independen­t Media, uMnuz Sandile Zungu onguSihlal­o weZungu Elgin Engineerin­g ebiqokiwe, uNkk Dumile Cele oyisikhulu esiphezulu eDurban Chamber of Commerce and Industry, uNksz Nosipho Sithole...
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ABEBETHAME­LE amaKZN Exporter Awards nguNksz Shubnum Moosa we-Independen­t Media, uMnuz Sandile Zungu onguSihlal­o weZungu Elgin Engineerin­g ebiqokiwe, uNkk Dumile Cele oyisikhulu esiphezulu eDurban Chamber of Commerce and Industry, uNksz Nosipho Sithole...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa