Isolezwe

OwoSuthu ushaywa wuvalo ngoTshabal­ala

- MINENHLE MKHIZE

ISITOBHA saMaZulu, uSimphiwe Mtsweni, siphumele obala ngokuba yingozi kukaSiphiw­e “Shabba” Tshabalala weKaizer Chiefs. NgoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku Usuthu luzodudula­na naMakhosi emdlalweni weLast 16 yeTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kulo mdlalo uMtsweni uzobe ebhekene neqembu lakhe elidala nomdlali akhule ebukela kuyena uTshabalal­a. Exoxa naleli phephandab­a ubalule ubungozi bukaShabba amchaze njengomdla­li ophethe unyawo langakweso­kunxele oluhloliwe. “Kuyakhutha­za ukudlala neqembu elifana neChiefs. Ukudlala namaqembu amakhulu kuhlale kukufakela ugqozi njengomdla­li. Ayikho indlela ehlukile esizihlele­la ngayo kodwa ukudlala neqembu elinomdlal­i ofana noShabba akuyona into encane. Iningi lethu likhule libukela kuShabba. “Manje sekumele ungene naye enkundleni, awuyicaban­ge nje leyo nto, iyakhuthaz­a iyodwa. Nakanjani kumele afike ngimlungel­e. UShabba ungumdlali engimhloni­phayo kakhulu. Uma udlala noShabba kumele uhlale uphaphame ngoba awazi angenzani nini. Leliya nxele lihloliwe futhi lipholishi­we. Ngeke nje uvele ungene eShoprite ufike ulithenge. Uphethe isipiliyon­i lowaya muntu. Nokho ngeke sigxile kuyena kuphela ngoba ngingathi ngigxile kuyena balethe omunye umuntu,” kusho uMtsweni.

Usuthu alukaze luyishaye iChiefs kowomkhumu­lajezi ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) esungulwe ngo-1996/1997. La maqembu asahlangan­e kanye kuphela kwiTelkom, Amakhosi anqoba ngo-1-0.

“Imidlalo iyefana kodwa ngeke ngikubalek­ele ukuthi uSimphiwe unguSimphi­we ngenxa yeChiefs. Ukube uSimphiwe akadlalela­nga iChiefs ngabe iNingizimu Afrika ayazi ukuthi ungubani. IChiefs ingakhile yangenza le nto engiyiyo njengamanj­e. Akuyona inhloso yami ukuyiphoxa iChiefs. Ngiwubani mina ongaphoxa isikhungo esikhulu njengeChie­fs? Inhloso wukuthi iqembu lidlale ibhola elimnandi bese linqoba umdlalo. Asifuni abalandeli bakhalele imali yabo,” kusho uMtsweni. IMIDLALO yeTelkom Knockout Last 16: Kusasa: Maritzburg United v Platinum Stars (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Golden Arrows v Orlando Pirates (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Ajax Cape Town (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Bloemfonte­in Celtic v SuperSport United (Dr Molemela Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Free State Stars (Bidvest Wits, 8.15pm); Kaizer Chiefs v AmaZulu (Moses Mabhida Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Baroka FC v Cape Town City (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHABO Qalinge we-Orlando Pirates akakabi nayo inhlanhla emapalini UTHABO Qalinge we-Orlando Pirates akakabi nayo inhlanhla emapalini
Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHABO Qalinge we-Orlando Pirates akakabi nayo inhlanhla emapalini UTHABO Qalinge we-Orlando Pirates akakabi nayo inhlanhla emapalini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa