UMotale ubalisa ngokushoda kwamagoli kwiBucs
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, akusiyena yedwa okhala ngokugqoza kwamagoli eqenjini osekuphele imidlalo emine linganqobi.
U-Edward “Magents” Motale ubalisa ngesimo esifanayo nathemba ukuthi uSredojevic usebenza kanzima ukusilungisa ngaphambi komdlalo wangempelasonto weTelkom Knockout.
NgoMgqibelo iPirates izovakashela iLamontville Golden Arrows emdlalweni weLast 16 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngo-3.30 ntambama.
“Ngigculisekile kakhulu ngendlela abadlala ngayo. Ingcono kakhulu kunalokhu abebeyikhona ngesizini edlule. Uyabona ukuthi luqinisiwe udonga nasesiswini, inkinga wukuthi abawashayi amagoli. Njengoba kuyiwa emdlalweni weTelkom yilapho okuzomele abagadli basebenze kakhulu. Akudlalelwa iphuzu, noma yikanjani kuzomele kube khona ozoshaya amagoli. Kufanele kube khona iqembu elizowina,” kusho uMagents.
Ngokubona kwakhe noma ngabe iPirates ayiqhubekeli phambili kulo mqhudelwano kumele inganqanyulezwa.
“Inqobo uma bezodlala ngokuzimisela njengoba benzile emdlalweni odlule (weKaizer Chiefs). Ngeke mina ngibacindeze ngokuthi kumele nakanjani banqobe iTelkom ukuze bakhombise ukuthi iPirates ibuyile. Lapha sikhuluma ngeqembu okufana nokuthi liqala phansi uma sibheka lapho kade likhona. Umqeqeshi naye ushilo ukuthi usakha. Engikufunayo wukubona iqembu elizimisele noma ngabe aliwini akumele lilahle ithemba. Isekhona iligi nomunye umqhudelwano osazodlalelwa,” kusho uMotale.
Phakathi kwabadlali abalinyusile izinga kwiPirates kukhona uThabo Qalinge, obe ngumdlali ovelele bebhekene neChiefs kade kungesikhona okokuqala.
Ukushaya amagoli yikhona okusashoda emdlalweni wakhe.
Ngesikhathi ephawula ngemuva kokubhekana neChiefs ubalule ukuthi ozakwabo bayameluleka ukuthi angathathi izinto mawala.
“Ozakwethu bayangikhuthaza, bayangitshela ukuthi ngehlise umoya uma ngiphethe ibhola ngoba kwesinye isikhathi ngigijima kakhulu bese ngililahla,” kusho uQalinge.
Uma ebalalela kungenzeka abe yiqhawe alithole igoli elizobafaka kuma-quarterfinal eTelkom abayigcina ngo-2011 ngaphansi kukaJulio Leal.