OweCeltic uyafana nayo yonke eminye: Thuso Phala
AWUKHO umqhudelwano ongabalulekile kwiSuperSport United ebuyele eNingizimu Afrika ngoMsombuluko ivela eTunisia emqhudelwaneni weCAF kodwa enomunye umdlalo omkhulu kule mpelasonto.
I-United engompetha beNedbank Cup, MTN 8 futhi esizibekisele indawo kowamanqamu weConfederation Cup, izovakashela iBloemfontein Celtic emdlalweni weTelkom Knockout Last 16.
Umdlalo ungoMgqibelo eDr Molemela Stadium ngo-6 ntambama. UThuso Phala, omunye wabadlali abayizethenjwa kuMatsatsantsa a Pitori, ukusho ngokungananazi ukuthi awukho umqhudelwano abangafuni ukufinyelela kowamanqamu kuwona.
“Umdlalo uyafana nayo yonke esiya kuyo. Ubalulekile njengoba sidlala umqhudelwano futhi esingafisa ukufinyelela kowamanqamu kuwona. Ngesikhathi kuqala isizini sizitshelile ukuthi sifuna ukunqoba yonke imiqhudelwano esiyidlalayo,” kusho uPhala.
Usenamasizini amane kwi-United. Uchaze amava okufinyelela kowamanqamu weConfederation njengangasoze awakhohlwa.
Ngesizini edlule iqembu beliphekwa nguStuart Baxter alishiye nesicoco seNedbank. Kube sekuthatha u-Eric Tinkler abadle naye ubhedu kwiMTN 8.
“Amava akhe okudlala kweyeCAF ne-Orlando Pirates ayasiza kakhulu. Uyakwazi ukuthi kunjani ukuzungeza e-Afrika futhi useke wafika kweyamanqamu okuyikhona okusikhuthazile nathi. Ngesikhathi efika akuzange kube khona umehluko omkhulu ngoba sisadlala isitayela sebhola esifanayo,” kusho uThuso oyibamba ohlangothini kwesokudla.
Kulindeleke ukuthi ushube umdlalo we-United neCeltic osekuphele amasizini amathathu kungekho efuna ukugoba uphondo uma ehlangene kweyeligi. Kugcine ngo-2014/2015 ukuthi kube khona iqembu elinqobayo phakathi kwawo.
ICeltic yanqoba ngo 1-0 ekhaya kwathi ekuhambeni yashaywa ngo 3-0. Njengoba lona kuwumdlalo womkhumulajezi kufanele kube khona ozolahla. Ngo-2012 iCeltic inqobe iTelkom noClinton Larsen kanti ngo-2014 i-United ithathe le ndebe noGordon Igesund.