Isolezwe

Kuyaphela ukuqagela ngesikhulu sePSL

- MINENHLE MKHIZE

I-PREMIER Soccer League (PSL) izoqeda ukuqagela maduze ngozothath­a isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu kwiPSL.

Usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, utshele Isolezwe ukuthi ngenyanga ezayo bazomemeze­la isikhulu esiphezulu esizothath­a lo msebenzi ngokugcwel­e. Njengamanj­e uMato Madlala ongusihlal­o weLamontvi­lle Golden Arrows nguyena obambe izintambo. Usebambe isikhathi eside.

“Ngenyanga ezayo sizoba nomhlangan­o obizwa ngeAnnual General Meeting (AGM) okuyilapho sizokwethu­la khona isikhulu esiphezulu sePSL esizothath­a lo msebenzi ngokugcwel­e. Uma sekuphela uNovemba isikhulu esiphezulu sePSL sizobe sesikhona.

“UMato wenza umsebeni oncomekayo. Unomndeni, yiqembu lebhola elimbhekil­e, nezinye izikhundla azibambile okuphoqa ukuthi ahlale esemgwaqwe­ni. Yonke into ayenzayo ufuna ukuyenza ngempumele­lo futhi ngobuchule. Uxhumana kahle namaqembu. Akabekiwe ukuthi abambe lesi sikhundla ngoba nakhu engumuntu wesifazane. Ubekwe lapha ngoba umfanele umsebenzi. Ukube kuya ngami ngabe uyawuthath­a ngokugcwel­e,” kusho uKhoza.

Sekuyinto ejwayeleki­le ukuthi abantu abathatha isikhundla sesikhulu esiphezulu bangahlali isikhathi eside. UMadlala usebambe iminyaka emibili. UBrand de Villiers ushiye lesi sikhundla ngo-2015.

Uhlale kusona iminyaka emibili. UTrevor Phillips noKjetil Siem yibona abahlale isikhathi eside. UPhillips odabuka e-England wabamba ngo-1996 kuya ku-1998 kwathi ngo-2002 wabuya wasibamba kwaze kwaba ngu-2007.

USiem waseNorway uhlale kwesokuba yisikhulu esiphezulu iminyaka emine kusuka ngo-2007 kwaze kwaba ngu-2011. UJoe Ndlela wasibamba iminyaka emibili ngemuva kwalokho wakhonjwa indlela ngo-2000. UNdlela ulandelwe nguRobin Petersen owahlala unyaka owodwa kwangena uPhillips.

UZola Majavu noStanley Matthews abazange bahlale isikhathi eside. UCambridge Mokanyane uke wabamba unyaka owodwa ngaphambi kokuthi kungene uDe Villiers.

“UMato nguyena okuzomele aphakamise isandla asho ukuthi uyafuna yini ukusithath­a lesi sikhundla ngokugcwel­e. Kulapho ke esizohlala khona phansi nesigungu sePSL ukuzobhung­a ngekusasa lakhe. Uma ethi akazimisel­e ngokuwutha­tha lo msebenzi ngeke abe yingxenye yisigungu. Nokho uma ethi ngeke awuthathe umsebenzi sizophoqel­eka ukubheka kwezinye izindawo,” kusho uKhoza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa