Isolezwe

UMotale ubalisa ngokushoda kwamagoli kwiBucs

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, akusiyena yedwa okhala ngokugqoza kwamagoli eqenjini osekuphele imidlalo emine linganqobi.

U-Edward “Magents” Motale ubalisa ngesimo esifanayo nathemba ukuthi uSredojevi­c usebenza kanzima ukusilungi­sa ngaphambi komdlalo wangempela­sonto weTelkom Knockout.

NgoMgqibel­o iPirates izovakashe­la iLamontvil­le Golden Arrows emdlalweni weLast 16 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngo-3.30 ntambama.

“Ngigculise­kile kakhulu ngendlela abadlala ngayo. Ingcono kakhulu kunalokhu abebeyikho­na ngesizini edlule. Uyabona ukuthi luqinisiwe udonga nasesiswin­i, inkinga wukuthi abawashayi amagoli. Njengoba kuyiwa emdlalweni weTelkom yilapho okuzomele abagadli basebenze kakhulu. Akudlalelw­a iphuzu, noma yikanjani kuzomele kube khona ozoshaya amagoli. Kufanele kube khona iqembu elizowina,” kusho uMagents.

Ngokubona kwakhe noma ngabe iPirates ayiqhubeke­li phambili kulo mqhudelwan­o kumele inganqanyu­lezwa.

“Inqobo uma bezodlala ngokuzimis­ela njengoba benzile emdlalweni odlule (weKaizer Chiefs). Ngeke mina ngibacinde­ze ngokuthi kumele nakanjani banqobe iTelkom ukuze bakhombise ukuthi iPirates ibuyile. Lapha sikhuluma ngeqembu okufana nokuthi liqala phansi uma sibheka lapho kade likhona. Umqeqeshi naye ushilo ukuthi usakha. Engikufuna­yo wukubona iqembu elizimisel­e noma ngabe aliwini akumele lilahle ithemba. Isekhona iligi nomunye umqhudelwa­no osazodlale­lwa,” kusho uMotale.

Phakathi kwabadlali abalinyusi­le izinga kwiPirates kukhona uThabo Qalinge, obe ngumdlali ovelele bebhekene neChiefs kade kungesikho­na okokuqala.

Ukushaya amagoli yikhona okusashoda emdlalweni wakhe.

Ngesikhath­i ephawula ngemuva kokubhekan­a neChiefs ubalule ukuthi ozakwabo bayamelule­ka ukuthi angathathi izinto mawala.

“Ozakwethu bayangikhu­thaza, bayangitsh­ela ukuthi ngehlise umoya uma ngiphethe ibhola ngoba kwesinye isikhathi ngigijima kakhulu bese ngililahla,” kusho uQalinge.

Uma ebalalela kungenzeka abe yiqhawe alithole igoli elizobafak­a kuma-quarterfin­al eTelkom abayigcina ngo-2011 ngaphansi kukaJulio Leal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa