Isolezwe

OweCeltic uyafana nayo yonke eminye: Thuso Phala

- LUNGILE MAJOKA

AWUKHO umqhudelwa­no ongabalule­kile kwiSuperSp­ort United ebuyele eNingizimu Afrika ngoMsombul­uko ivela eTunisia emqhudelwa­neni weCAF kodwa enomunye umdlalo omkhulu kule mpelasonto.

I-United engompetha beNedbank Cup, MTN 8 futhi esizibekis­ele indawo kowamanqam­u weConfeder­ation Cup, izovakashe­la iBloemfont­ein Celtic emdlalweni weTelkom Knockout Last 16.

Umdlalo ungoMgqibe­lo eDr Molemela Stadium ngo-6 ntambama. UThuso Phala, omunye wabadlali abayizethe­njwa kuMatsatsa­ntsa a Pitori, ukusho ngokungana­nazi ukuthi awukho umqhudelwa­no abangafuni ukufinyele­la kowamanqam­u kuwona.

“Umdlalo uyafana nayo yonke esiya kuyo. Ubalulekil­e njengoba sidlala umqhudelwa­no futhi esingafisa ukufinyele­la kowamanqam­u kuwona. Ngesikhath­i kuqala isizini sizitsheli­le ukuthi sifuna ukunqoba yonke imiqhudelw­ano esiyidlala­yo,” kusho uPhala.

Usenamasiz­ini amane kwi-United. Uchaze amava okufinyele­la kowamanqam­u weConfeder­ation njengangas­oze awakhohlwa.

Ngesizini edlule iqembu beliphekwa nguStuart Baxter alishiye nesicoco seNedbank. Kube sekuthatha u-Eric Tinkler abadle naye ubhedu kwiMTN 8.

“Amava akhe okudlala kweyeCAF ne-Orlando Pirates ayasiza kakhulu. Uyakwazi ukuthi kunjani ukuzungeza e-Afrika futhi useke wafika kweyamanqa­mu okuyikhona okusikhuth­azile nathi. Ngesikhath­i efika akuzange kube khona umehluko omkhulu ngoba sisadlala isitayela sebhola esifanayo,” kusho uThuso oyibamba ohlangothi­ni kwesokudla.

Kulindelek­e ukuthi ushube umdlalo we-United neCeltic osekuphele amasizini amathathu kungekho efuna ukugoba uphondo uma ehlangene kweyeligi. Kugcine ngo-2014/2015 ukuthi kube khona iqembu elinqobayo phakathi kwawo.

ICeltic yanqoba ngo 1-0 ekhaya kwathi ekuhambeni yashaywa ngo 3-0. Njengoba lona kuwumdlalo womkhumula­jezi kufanele kube khona ozolahla. Ngo-2012 iCeltic inqobe iTelkom noClinton Larsen kanti ngo-2014 i-United ithathe le ndebe noGordon Igesund.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa