UZondi ufisa ukulandela ezinyathelweni zikaKolisi
UFISA ukulandela ezinyathelweni zikaSiya Kolisi umdlali webhola lombhoxo osemncane waseMzingazi, eRichards Bay, uLuyanda Zondi, oqokwe njengovelele ngoSepthemba ohlelweni lweSuperSport Let’s Play.
UZondi (16) wenza uGrade 10 eRichards Bay High School lapho edlalela iqembu lika-Under 16 A.
Uyibambe emidlalweni ehlukene okukhona nebhola lezinyango, ikhilikithi ne-hockey kodwa uthe ibhola lombhoxo yilona alizwa ngaphakathi futhi azibona elidlala noma esekhulile.
“Ngiyayidlala yonke le midlalo kodwa ngibona ngenza kahle ebholeni lombhoxo nakwihockey. Ngizibona ngelinye ilanga ngidlalela iqembu lamaSharks nelesizwe amaBhokobhoko. Umdlali engimthandayo uSiya Kolisi. Uyisibonelo esihle kubantu abamnyama nasezinganeni enkundleni nangaphandle kwayo,” kusho uZondi.
UKolisi uyiBhokobhoko lokuqina futhi ungukaputeni weqembu leSuper Rugby, amaStormers. UZondi odlala indawo yokuba yi-lock eqenjini lakhe uthe waqala ukudlala esenza uGrade 3 kusukela lapho akakaze abheke emuva. “Kuyangijabulisa kakhulu ukuqokwa kwami, kade ngawungenela umqhudelwano bengingalindele ukuthi kungase kuwine mina.”
Umncintiswano watshelwa ngawo ngumama wakhe uWinnie Mfeka. “Uzokhuthazeka kakhulu ngokuqokwa. Ngihlezi ngimtshela yena nomfowabo omncane uLwethu ukuthi akukho lapho bengeke bafinyelele khona uma bezimisela. Ngiyabeseka kukhona konke abakwenzayo. Selokhu aqala ngiyamgqugquzela ngoba ngiyabona indlela enza ngayo ebheleni lombhoxo. Layikhaya nje kuqutshulwa izinsimba kujinywa kodwa ngiyalishumayela nevangeli lemfundo,” kusho uMfeka.
Uthe ufuna ngomuso kube neBhokobhoko elizobe liqhamuka eRichards Bay.
UZondi uthe uke waphoxeka engakhethwa esikwatini sesifunda ebesizodlala kweyezifundazwe.
“Kodwa ngeke ngiphele amandla. Angisiyena umuntu oliphonsayo ithawula.”
Ekupheleni konyaka uZondi uzoncintisana nabanye ontanga yakhe abadle imiklomelo yenyanga lapho sekukhishwa obashaye amakhanda. Umcimbi uzoba ngoNovemba 30 eKings Park ngo12.30 emini.