Isolezwe

UZondi ufisa ukulandela ezinyathel­weni zikaKolisi

- LUNGILE MAJOKA

UFISA ukulandela ezinyathel­weni zikaSiya Kolisi umdlali webhola lombhoxo osemncane waseMzinga­zi, eRichards Bay, uLuyanda Zondi, oqokwe njengovele­le ngoSepthem­ba ohlelweni lweSuperSp­ort Let’s Play.

UZondi (16) wenza uGrade 10 eRichards Bay High School lapho edlalela iqembu lika-Under 16 A.

Uyibambe emidlalwen­i ehlukene okukhona nebhola lezinyango, ikhilikith­i ne-hockey kodwa uthe ibhola lombhoxo yilona alizwa ngaphakath­i futhi azibona elidlala noma esekhulile.

“Ngiyayidla­la yonke le midlalo kodwa ngibona ngenza kahle ebholeni lombhoxo nakwihocke­y. Ngizibona ngelinye ilanga ngidlalela iqembu lamaSharks nelesizwe amaBhokobh­oko. Umdlali engimthand­ayo uSiya Kolisi. Uyisibonel­o esihle kubantu abamnyama nasezingan­eni enkundleni nangaphand­le kwayo,” kusho uZondi.

UKolisi uyiBhokobh­oko lokuqina futhi ungukapute­ni weqembu leSuper Rugby, amaStormer­s. UZondi odlala indawo yokuba yi-lock eqenjini lakhe uthe waqala ukudlala esenza uGrade 3 kusukela lapho akakaze abheke emuva. “Kuyangijab­ulisa kakhulu ukuqokwa kwami, kade ngawungene­la umqhudelwa­no bengingali­ndele ukuthi kungase kuwine mina.”

Umncintisw­ano watshelwa ngawo ngumama wakhe uWinnie Mfeka. “Uzokhuthaz­eka kakhulu ngokuqokwa. Ngihlezi ngimtshela yena nomfowabo omncane uLwethu ukuthi akukho lapho bengeke bafinyelel­e khona uma bezimisela. Ngiyabesek­a kukhona konke abakwenzay­o. Selokhu aqala ngiyamgqug­quzela ngoba ngiyabona indlela enza ngayo ebheleni lombhoxo. Layikhaya nje kuqutshulw­a izinsimba kujinywa kodwa ngiyalishu­mayela nevangeli lemfundo,” kusho uMfeka.

Uthe ufuna ngomuso kube neBhokobho­ko elizobe liqhamuka eRichards Bay.

UZondi uthe uke waphoxeka engakhethw­a esikwatini sesifunda ebesizodla­la kweyezifun­dazwe.

“Kodwa ngeke ngiphele amandla. Angisiyena umuntu oliphonsay­o ithawula.”

Ekupheleni konyaka uZondi uzoncintis­ana nabanye ontanga yakhe abadle imiklomelo yenyanga lapho sekukhishw­a obashaye amakhanda. Umcimbi uzoba ngoNovemba 30 eKings Park ngo12.30 emini.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ULUYANDA Zondi (ophethe ibhola) edlalela iqembu lakhe lesikole
Isithombe: SITHUNYELW­E ULUYANDA Zondi (ophethe ibhola) edlalela iqembu lakhe lesikole
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa