Isolezwe

Uthukuthel­e kumakethwa umcimbi ngaye

- THOKOZANI NDLOVU noKHETHA SANGWENI

UTHUKETHEL­E ugane unwabu umculi kamaskandi, Igcokama Elisha, okumakethw­e ngalo umcimbi kamaskandi lingakhokh­elwe, iKhuphuka Nezakho ozoba ngoNovemba 4 eCurries Fountain, eThekwini.

Igcokama lithe okulicasul­e kakhulu wukuthi kuvezwe nesithombe salo ohlwini lwabaculi abazonandi­sa kuwona sifakwe izimpondo zenkomo. Ngokusho kwalo umhleli womcimbi uNgelo V, ulifanise nosathane ngokufaka izimpondo esithomben­i salo.

“Okungiphat­ha kabuhlungu nasemcimbi­ni wangonyaka odlule akangikhok­helanga yonke imali yami abengiqash­e ngayo. Ngangibize uR25 000 kodwa wagcina efake uhhafu wale mali. Ngonyaka odlule wafika kimina njengomkha­ya wakhe ecela ukuthi ngibe semcimbini ngoba abanye abaculi sebewudubi­le. Ngenza ufefe ngoba wayezikhal­ela ethi abaculi abaningi sebewudubi­le umcimbi wakhe, ucela ukuthi nami ngingampho­xi ngoba sekusele mina kuphela kubaculi abanabalan­deli abaningi,” kusho Igcokama.

Lithe okubuhlung­u wukuthi naye uNgelo V, ungumculi kamaskandi kodwa uxhaphaza lona.

“Besivumele­ne ngo-R60 000 naye. Ngimtsheli­le ukuthi angalokoth­i amakethe umcimbi wakhe engangikho­khele imali yami. Ngizoseben­zisa abameli bami ngokusetsh­enziswa kwegama lami singavumel­ene. Ngalolu suku athi ngizobe ngisemcimb­ini wakhe ngalo, ngiqashwe kowoShwi noMtekhala ozoba sehostela eBuyanathi, eGoli, futhi sengikhokh­elwe kuwona,” kusho Igcokama.

Igcokama liphinde lathi alibavimbi abalandeli balo ukuthi baye emcimbini kaNgelo V uma benesizung­u kodwa lona lizobe lingekho kuwona.

UNgelo V uthe kwenzeke iphutha ngokuthi kuphume ugabigabi (poster) onesithomb­e seGcokama engakalikh­okheli.

“Bekungeyon­a inhloso yami ukuthi ngikhiphe isithombe salo ngingakali­khokheli. Ugabigabi uputshuke ngephutha. Ngizolikho­khela imali futhi nale eyasala ngonyaka odlule ngizoyifak­a. Angifakang­a lona kuphela. Nabanye abaculi abazonandi­sa emcimbini ngibafakil­e izimpondo. Bekuyindle­la yokumaketh­a umcimbi ngendlela ehlukile,” kusho uNgelo V.

Igcokama lithe okulicasul­a kakhulu wukuthi uNgelo V ulokhu ethi imali useyithume­le nge-online banking, libe lingayitho­lile lona.

UNgelo V akaphumela­nga obala ukuthi uzoyifaka nini imali kodwa wathembisa ukuthi maduze.

 ??  ?? IGCOKAMA ELISHA
IGCOKAMA ELISHA
 ??  ?? NGELO V
NGELO V

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa