Uthukuthele kumakethwa umcimbi ngaye
UTHUKETHELE ugane unwabu umculi kamaskandi, Igcokama Elisha, okumakethwe ngalo umcimbi kamaskandi lingakhokhelwe, iKhuphuka Nezakho ozoba ngoNovemba 4 eCurries Fountain, eThekwini.
Igcokama lithe okulicasule kakhulu wukuthi kuvezwe nesithombe salo ohlwini lwabaculi abazonandisa kuwona sifakwe izimpondo zenkomo. Ngokusho kwalo umhleli womcimbi uNgelo V, ulifanise nosathane ngokufaka izimpondo esithombeni salo.
“Okungiphatha kabuhlungu nasemcimbini wangonyaka odlule akangikhokhelanga yonke imali yami abengiqashe ngayo. Ngangibize uR25 000 kodwa wagcina efake uhhafu wale mali. Ngonyaka odlule wafika kimina njengomkhaya wakhe ecela ukuthi ngibe semcimbini ngoba abanye abaculi sebewudubile. Ngenza ufefe ngoba wayezikhalela ethi abaculi abaningi sebewudubile umcimbi wakhe, ucela ukuthi nami ngingamphoxi ngoba sekusele mina kuphela kubaculi abanabalandeli abaningi,” kusho Igcokama.
Lithe okubuhlungu wukuthi naye uNgelo V, ungumculi kamaskandi kodwa uxhaphaza lona.
“Besivumelene ngo-R60 000 naye. Ngimtshelile ukuthi angalokothi amakethe umcimbi wakhe engangikhokhele imali yami. Ngizosebenzisa abameli bami ngokusetshenziswa kwegama lami singavumelene. Ngalolu suku athi ngizobe ngisemcimbini wakhe ngalo, ngiqashwe kowoShwi noMtekhala ozoba sehostela eBuyanathi, eGoli, futhi sengikhokhelwe kuwona,” kusho Igcokama.
Igcokama liphinde lathi alibavimbi abalandeli balo ukuthi baye emcimbini kaNgelo V uma benesizungu kodwa lona lizobe lingekho kuwona.
UNgelo V uthe kwenzeke iphutha ngokuthi kuphume ugabigabi (poster) onesithombe seGcokama engakalikhokheli.
“Bekungeyona inhloso yami ukuthi ngikhiphe isithombe salo ngingakalikhokheli. Ugabigabi uputshuke ngephutha. Ngizolikhokhela imali futhi nale eyasala ngonyaka odlule ngizoyifaka. Angifakanga lona kuphela. Nabanye abaculi abazonandisa emcimbini ngibafakile izimpondo. Bekuyindlela yokumaketha umcimbi ngendlela ehlukile,” kusho uNgelo V.
Igcokama lithe okulicasula kakhulu wukuthi uNgelo V ulokhu ethi imali useyithumele nge-online banking, libe lingayitholile lona.
UNgelo V akaphumelanga obala ukuthi uzoyifaka nini imali kodwa wathembisa ukuthi maduze.