Kuzohlolwa ahambisa awemvula
KUZOPHENYWA ukuthi ngabe amapayipi ahambisa amanzi emvula eSiphingo asesimeni esifanele yini.
Lokhu kushiwo yinhloko yophiko lwamanzi nokuhanjiswa kwendle kuMasipala weTheku, uMnuz Ednick Msweli ngesikhathi ithimba elakhiwe yizinkampani zakule ndawo nabakwamasipala bezibophezela ukuthi bazosebenza ngokuhlanganyela ukulungisa isimo sendawo.
Le ndawo ikhahlanyezwe yizikhukhula ekuqaleni kwale nyanga.
UMsweli uthe umasipala uzokhuculula imfucuza evale amapayipi nemifula enqamula kule ndawo.
Uqhube wathi umasipala uzophenya ukuthi ngabe ingqalasizinda ehambisa amanzi emvula kule ndawo isesimeni esiyiso yini. Uthe umasipala uzokwenza isiqiniseko sokuthi le ngqalasizinda isezingeni elifana nelamazwe omhlaba ukuze kungaphinde kwenzeke into efuze eyenzekile.
Leli thimba liqale ngokuya emifuleni nasezindaweni okusolwa ukuthi ziholele ekutheni amanzi angahambi ngomgudu ofanele.
Phakathi kwezindawo leli thimba eliye kuzona kubalwa uphiko lwezobunjiniyela kwaToyota. Kulolu phiko kugcwale amanzi, udaka nemfucuza ebiqhamuka emfuleni obugcwele . Amanzi abenqamula ezakhiweni zalolu phiko kwalimala imishini.
UMnuz Ashwin Cheerkot wale nkampani uthe kuze kwaphela isonto behlanza imfucuza, udaka namanzi abegcwele ngaphakathi ezakhiweni.
Uthe balahlekelwe yimali eningi ngesikhathi kungasetshenzwa kusakhucululwa.
UMnuz Suben Moodley uthe njengesikhungo esakha izimoto esikule ndawo bazimisele ukuthi basikhulise kube yisona esikhulu kunazo zonke e-Afrika kodwa badinga ukuba nesiqiniseko sokuthi le ndawo ikulungele yini lokho.
Uqhube wathi balahlekelwe wuR63 million kulezi zikhukhula kanti njalo ngonyaka bahlaselwa yizikhukhula okungenani kabili ngonyaka.