UVetyeka unikwe ithuba lokucabanga ngekusasa
UNIKWE ithuba lokucabanga ngekusasa lakhe esibhakeleni owayengumpetha womhlaba, uSimpiwe “V12” Vetyeka, odlale ivukana emqhudelwaneni iSuper Four Featherweight ngempelasonto edlule, e-Emperors Palace, eGauteng.
UVetyeka, oshaqise umhlaba wonke ehlula ingqwele yase-Indonesia uChris John eyiphuca ibhande leWorld Boxing Association (WBA) featherweight ngo-2013, uhlulwe nguLerato Dlamini ngamaphuzu. Le mpi beyandulela eyamanqamu yomqhudelwano ozoqedelwa ngonyaka ozayo ohlelwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman.
Kwenye impi ivukana u-Azinga “Golden Boy” Fuzile libukise ngomakadebona uTshifhiwa “Atomic Spider” Munyai limgingqa ngomzuliswano wesithathu. UDlamini noFuzile, ongumpetha weSA featherweight, bazobanga isicoco sikaR500 000 empini yokukhipha ingqwele yaseMzansi esisindweni se-featherweight ezoba ngoMashi 3 ngonyaka ozayo. Umqeqeshi kaVetyeka, uSean Smith, uzwakalise ukuphoxeka ngendlela ibhokisa lakhe elilwe ngayo. Wakhala ngomshikashika wokwehlisa isisindo uVetyeka abebhekene nawo.
“Bekunzima kakhulu kuyena ezama ukwehlisa isisindo esikhulu ngesikhathi esincane. Akukhona ukuthi ngizama ukubeka izaba kodwa akuyona into encane ukwehlisa amakhilo angu-10 emasontweni ayisihlanu. Isisindo iyona into esishayile,” kusho uSmith.
“UVetyeka usebenze nami amasonto ayisihlanu kuphela. Imenenja yakhe kade ifuna ayolwa eLondon. Ngiphoxeke kakhulu ngoba ngimnikeze konke ukumenza ahlomele impi ngokugcwele. Kodwa ngosuku lwempi, akuvelanga konke lokho. Njengomshayisibhakela omdala, angifunanga ukushintsha okuningi endleleni alwa ngayo. Emasontweni ayisihlanu, nami awukho umlingo ebengingawenza.”
Sekuvele kukhona abakholwa wukuthi uVetyeka (36) sekufanele asiyeke isibhakela ngenxa yeminyaka yakhe yobudala. Ungomunye wabashayisibhakela ababeke i-Eastern Cape neNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba. Kubashayisibhakela uVetyeka angena nabo eringini kukhona ingqwele yasePhilippine, uNonito “The Filipino Flash” Donaire owaphula umhlathi uJeffrey “Mangoose” Mathebula wakuleli. UVetyeka, owaziwa ngokugcogcoma amajimu eNingizimu Afrika, akasayine lutho neSmith’s Gym kaSmith. “Ngicabanga ukuthi izinsuku zakhe zokuba kwi-featherweight seziphelile. Kufanele enyukele kwi-junior lightweight. Kodwa ngizomnika isikhathi sokucabanga ukuthi ufuna ukwenzani. Ngeke ngisho ukuthi okwenzekile kungenxa yeminyaka. Kusezandleni zakhe ukuthi uyaqhubeka yini nokuhlala kithina. Uma efisa ukuhamba ngeke sime endleleni yakhe. Kodwa ngiyakujabulela ukuba naye ejimini ngoba kuyabagqugquzela abashayisibhakela abasebancane esinabo.” kusho uSmith.
Namuhla, uMoruti Mthalane uzolwela ibhande le-IBF International flyweight no-Ardin Diale wasePhilippines eMmabatho Convention Centre, eNorth West.
UTsiko Mulovhedzi uzolwela ibhandwe le-IBF Inter-Continental welterweight noLaszlo Toth waseHungary empini ezoba seNgoako Ramothlodi Sports Complex, eLimpopo.