U-Odwa uzothola ithuba elihle lokuvalelisa kubalandeli
U-ODWA Ndungane (osesithombeni) odlala ophondweni kwiCell C Sharks uzothola ithuba elihle lokuvalelisa kubalandeli beqembu uma selidlala neWestern Province emdlalweni wamanqamu weCurrie Cup eGrowthpoint Kings Park kusasa ngo-4 ntambama.
Okuzokwenza uNdungane avalelise kamnandi wukuthi uS’busiso Nkosi odlala ophondweni ulimale engalweni ngoMgqibelo odlule ngesikhathi bebhekene neBlue Bulls kowandulela owamanqamu. Lokhu kunika uNdungane ithuba lokuqala umdlalo (kunombolo 11) kanti uzobe esedlala owokugcina egqoke imibala yeSharks, usezowaphanyeka emgibeni amakhokho akhe.
Akungabazeki ukuthi uNdungane angakujabulela ukuvalelisa eqenjini asehlale kulo iminyaka ewu-12 ngokuwina indebe yeCurrie Cup kusasa ntambama. Nokho yinto eyaziwayo ukuthi ukubhekana neProvince ngeke kube lula ngoba nayo izobe ifuna ukuyiwina indebe.
Emaqenjini amabili ashaye iSharks emidlalweni yamaphuzu yeCurrie Cup, kubalwa nayo iProvince. Lokhu ikwenze emdlalweni wokugcina ngci wamaphuzu kwasho ukuthi iSharks ibisivele izibekisele indawo kowandulela owamanqamu ewudlalele ekhaya. Ukuqeda kweSharks esicongweni kuqinisekise ukuthi idlalela ekhaya owamanqamu lapho kumele kuhlaluke khona kusasa ukuthi ngobani omakhonya baka-2017 kwiCurrie Cup.
Abadlali abaningi beSharks abakaze badlale kowamanqamu njengoba iqembu belakhiwa kabusha kula masizini amabili edlule. UThomas du Toit (22) odlala i-prop utshele i-The Mercury ukuthi umdlalo wakusasa uzobe ungowokuqala omkhulu empilweni yakhe. Lokhu kunanelwe womunye umdlali oneminyaka ewu-22 uJean-Luc du Preez othe akakaze awudlale umdlalo walolu hlobo yize eseke wadlalela amaBhokobhoko.
“Kube wunyaka omuhle kakhulu kimina. Ngiyalibonga ithuba lokudlalela izwe lami nokubuyela kwiSharks ngizodlala iCurrie Cup. Yinto ebaluleke kakhulu kimina. Ngiyabonga kozakwethu ngokufinyelelisa iqembu lapha ngoba angidlalanga kakhulu kwiCurrie Cup,” kusho uDu Preez.