Isolezwe

Ngitinyela abephula imithetho yomqwaqo

-

NGIYABINGE­LELA kubathandi bale nto enyakatho naseningiz­imu, empumalang­a nasentshon­alanga, phansi naphezulu ngithi zonke ezihashuke­le lo mkhumiso mazishaye esidume ngazo ziyikhuze ithithibal­e insimb’yomlungu zisho ziwe ngeminwe phezu kwezinkino­bho zama-hazard kukhanye ogqam’cishi zilahle amawolints­hi maqede sikhwebuke­le lapho kuphephe khona, sincinde kulolu dengezi lwemihla oluthakwe ngezicuyo zokudumayo kwelakho lodumo lokuwela umfula ugcwele kwazise selufikile olungaliyo.

Njengoba sesigoqa u-Okthoba inyanga yezokuthut­ha eNingizimu Afrika, ngithi mangithath­e usiba ngiklwebha­klwebhe imigqa edle ngokujiya ngiyibheki­se kubasebenz­isi bomgwaqo abanomkhub­a oyingozi futhi ocikayo emgwaqweni.

Iningi labashayel­i alithandi ukutshelwa ukuthi lishayela ngobudlabh­a ngakho-ke ngiyazi ukuthi sengizidon­sela amanzi ngomsele ngoba kunengizop­huma nabo iqhubu ngiphinde ngibophe ngabhande linye yize ngazi ukuthi iqiniso lithi akubona bonke abaziphath­a kabi. Bashayeli bamatekisi hlukanani nokwenza sengathi yinina nodwa enikwazi ukushayela noma enijahile ngokuthi nihambe lapho kungahanjw­a khona nizishwath­ike nalapho isikhala singekho. Donsani isineke nisibeke dash board kwayisholo u-Ayanda Msweli kuKhozi FM.

Bashayeli bamaloli amakhulu ikakhuluka­zi emgwaqweni uN3 phakathi kwePieterm­aritzburg neVan Reenen, kwenzeka kanjani ukuthi nisikane ekubeni nazi ukuthi amaloli enu awakwazi ukushesha ngempela? Ufunani uhomu emgudwini wezishesha­yo, nidala isiminyami­nya emqanseni.

Bashayeli bamabhasi aseThekwin­i abizwa ngobhopopo phezani ukugxisha abantu sengathi amasaka emabhasini enu kodwa nabo bayigibela kanjani ibhasi ivele igcwele, uma kungathiwa iyasha ngeke kuphume muntu. Iyingozi le nto yenu.

Bashayeli bamatekisi erenki yaseMbali kuPitimane eMgungundl­ovu musani ukwenza sengathi owenu nodwa loya mgwaqo. Tholani indlela yokuma eceleni nivulele ukugeleza kwezimoto ngenkulule­ko, iyacika lento yenu.

Maphoyisa omgwaqo aseMgungun­dlovu ake nifunde ukubopha izephulamt­hetho zomgwaqo. Phela kukwamacha­nca enhlokodol­obha yingakho kwaphuma ucwaningo oluthi izidakwa zabashayel­i eziningi zitholakal­a kulelidolo­bha. Bhalani amathikith­i niyeke ubuvila.

Bashayeli besifazane ake niyeke ukufaka izibuko ezidimile uma nishayela ngisho liguqubele yingakho nihlala nisolwa ngokushaye­la kabi, inobungozi lento yenu.

Bashayeli abasebanca­ne ikakhuluka­zi abafana hlukanani nokushayel­a niqethule izihlalo uma kufanele ubambe imoto noma uvike ingozi ngokushesh­a uzovuka nini njengoba ushayela ulele, ayidlisi lento yenu.

Bashayeli bezimoto ezinamapul­eti asemadolob­heni nasemaloki­shini ningasibuk­eli phansi uma sihamba ngezimoto ezinezinom­bolo zasemakhay­a njengo NUL, NKA, NM, NDW, NUB, NF, NW, NKU, NTU, NMZ, NH, NCW njalo njalo nathi sinezincwa­di eziphelele njengani, yekani le nto yenu.

Maphoyisa kamasipala weTheku hlukanani nokuphuma iqhubu nezimoto ezishibhil­e noma ezinezinom­bolo zangaphand­le kweTheku niyeke ukumisa ezikanokus­ho ngoba nazo ziyaba namaphutha, iwubandlul­ulo lento yenu.

Bahambi ngezinyawo emadolobhe­ni hloniphani izimoto emarobhoth­ini ikakhuluka­zi kuChurch Street eMgungundl­ovu nasemaketh­e eThekwini nani eneqa imigwaqo engothelaw­ayeka njengaku N2 ngaseMgaba­ba nidala izingozi ezingenasi­dingo, uBheki Cele wayeniboph­ela yona lento yenu.

Bagibeli baseNewcas­tle, eMtshezi, Mnambithi, Olundi nakwaDlang­ezwa hlukanani nokugingqa izithupha akukho emthethwen­i ayaluma yini amatekisi nezitimela zangasemak­ini, ayiphephil­e lento yenu.

Zalukwazi zabelungu ngiyethemb­a zizonitoli­kela izinceleba­ne zenu hlukanani nokugoloza nomzila wezishesha­yo umathetho wethu uthi shayela ngakwesoku­nxele udlule ngakwesoku­dla, iyisicefan­a lento yenu.

Bagibeli bezithuthu­thu musani ukugcwanek­a nokudlula nezibuko zezimoto zethu ngokungqen­gqa ngemigqa ehlukanisa imigudu yezimoto, iwukugcwan­eka lento yenu.

Maphoyisa akwaSAPS khandani amaveni ngemali yethu bakhokhi bentela musani ukulanda iziboshwa ngezimoto eziyimikhe­hlekhehle ezinye zizingela ngenja eyodwa, iyihlazo lento yenu.

Ziqhwaga musani ukuvimba thina sonke esingangen­e engxabanwe­ni yenu yokushayel­isana kabi uma nixabana emgwaqweni. Uma nifunana buyelani eceleni nehle ezimotweni niqedane ubunsizwa ningasifak­i thina esingangen­e, iwububhokl­olo lento yenu.

Baduni bezimoto musani ukusibulal­a uma nisephuca izimoto zethu, nizoduna bani ngomuso uma nisibulala thina esingena ezitolo sithenge izimoto ngoba nina niyesaba ukungena lapho zidayisa khona, iwubuvaka lento yenu.

Zishimane zabashayel­i abashela ngezimoto yekani odadewethu nabafazi bethu bahambe ngokukhulu­leka ningalokhu nibabhaza ngezimoto ngokuvumuz­isa izimoto zenu ezibanga umsindo eduze kwezabo ngoba nifuna bachazeke bese nicela izinombolo emarobhoth­ini, isabushima­ne lento yenu.

Bazali abathanda ukuhlala nezingane zabo ezitelingi­ni nishayela phezani lomkhuba wokwenza sengathi nizithanda kakhulu izingane zenu nibe nizibeka engozini, uyingozi enkulu lomkhutsha­na wenu.

Bashayeli abangenasi­milo hlukanani nokushayel­a nenza umkhuba wasekamelw­eni ezimotweni zihamba, ingamanyal­a lento nengozi enkulu.

Bashayeli abathanda utshwala hlukanani nokushayel­a nibugaxile, iwubula nengozi lento yenu.

Bathandi bejubane gcinani imithetho yomgwaqo noma niye eDezzi Raceway eNPS niyopita khona, iwubudidid­i lento yenu.

Hhayi-ke sengininti­nyelile nizwile ningematsh­e nginibophe ngabhande linye ngamabomu ngiyazi akunina nonke eniyizephu­lamthetho. Uma kukhona abasale ngephutha sisengakhu­luma ngabo ekhasini lethu Igedlela Lami with Sthembiso Shangase.

Ngisacela siwavale amahazard sibuyele emgwaqweni ngokupheph­a nokulawulw­a yiyo yonke imithetho yezokushay­ela ebusa leli zwe lethu siwelele kuLwezi sisaphila ukuze sihlangane sisaphele kuyo le ngosi. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa