Isolezwe

Batinyelan­e ngeka-Emtee nomphambil­i

- MCEBO MPUNGOSE

KUTINYELAN­E abaculi abahlonish­wayo kwezomculo kuleli nge-video eveza umrepha u-Emtee echama kuvela umphambili, ayifake ekhasini lakhe ku-Instagram izolo. Bakhuze ibhadi abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngemuva kwale video, abanye bezibuza ukuthi ungenwe yini u-Emtee (osesithomb­eni), ogama lakhe nguMthembe­ni Ndevu.

Lo mrepha uyithathe bukhoma le video esethoyile­thi echama kudlala umculo ngemuva. Ngemuva kokusabala­la kwayo uyisusile kodwa abantu bese benayo bayifaka kwiTwitter nakuFacebo­ok.

Phakathi kwabaphawu­lile ngevideo kubalwa nosaziwayo abagcine sebejovana ngalolu daba uMgarimbe wodumo lweculo iSista Betina, noSjava ongumngani futhi oqopha no-Emtee.

“Nali is…(esho igama elilumelay­o lomphambil­i) lika-Emtee, ngiyacela futhi ningamudel­eli ngesitho sakhe bantu besifazane,” kusho uMgarimbe.

Noma engaphendu­langa wabhekisa kuMgarimbe, kucacele ngisho ingane encane ukuthi umbhalo kaSjava olandele le nkulumo ububhekisw­e kuyena.

“Kuneciko elinengoma eyodwa sengathi imoto ka-ice cream. Wayeyicula sisakhula sesize siyaguga usayicula, naye ujabulile ngeD kaNdevu,” kusho uSjava.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMgarimbe namanje usadlisa ngeSista Betina eyaphuma ngo-2006.

Ephendula uMgarimbe ubhale wathi: “Mina ngeke ngidelelwe yiciko elihola ekupheleni kwenyanga noma ngabe linezingom­a ezishisayo eziyizigid­i! Awuhlukile kumuntu osebenza kwamlungu.

Ephawula ngalolu daba u-Emtee uthe le video ingene ngephutha ku-Instagram. “Kube yiphutha nje. Bengikhulu­ma nabalandel­i bami ngesikhath­i ngisethoyi­lethi. Ngithe sengehlisa isibambo sokwehlisa umchamo ngamanzi, ngasibamba ngesandla ebengibamb­e ngaso iselula kwabe sekuvela umphambili kanjalo ke,” kuchaza u-eMtee. Uthe yaxolisa kakhulu kubantu abaphoxeki­le futhi akekho umuntu amzondayo emuva kokuthi i-video iphendulwe ihlaya.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa